Imvubu ibonakale izulazula emphakathini waseKapa 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Asuse umsindo ezinkundleni zokuxhumana amavidiyo emvubu yesilisa ezulazula emgwaqeni yase-Grassy Park eKapa ngoMgqibelo ekuseni, njengoba ezinye izakhamizi zikuthola kunzima ukukholwa ukuthi imvubu ngempela.

Kodwa labo abahlala eGrassy Park abazange bamangale njengoba bejwayele ukubona izimvubu endaweni ebiyelwe engamahektha angu-290 eRondevlei Nature Reserve eduze nendawo engaphansi kwedolobha.

IRondevlei iyindawo yezinyoni enezindawo eziningi ezingamaxhaphozi kanye nechweba elilodwa elikhulu.

Izakhamizi zifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi into efana nalena ayiphinde yenzeke.

“Siyajabula ukuthi akekho olimele,” kusho isakhamuzi.

“Sithemba ukuthi ngeke kuphinde kwenzeke ngokuzayo. Imvubu iphume endaweni yayo ngoba kukhona ongawenzanga umsebenzi wakhe. Nakhu ikwazile ukuphuma ingabonwa muntu. Kufanele babe nokuphepha okwengeziwe,”

Osebenzisa inkundla yezokuxhumana uthe: “Ngiyajabula ukuthi iphume ebusuku. Cabanga ukuthi bekuzokwenzekani ukube bekusemini izingane zidlala emigwaqeni.”

IPhini le-MMC lezokuhlela izindawo kanye nemvelo eKapa, u-Eddie Andrews, uthe ngezithuba zabo-01:40 ezintatha ngoMgqibelo abaqaphi baseRondevlei eFalse Bay Nature Reserve babone umbiko wemvubu ezulazula ngaphandle kwesiqiwi saseRondevlei enkundleni yezokuxhumana. 

“Babe sebebikela abasebenzi basesiqiwini abathole imvubu endaweni ehlala abantu eGrassy Park eduze kwesiqiwi. Abasebenzi basesiqiwini, abaqaphi kanye namaphoyisa eSAPS babambisane ndawonye ukuze basuse lesi silwane siphindele esiqiwini, balungisa nomgodi owenziwe imvubu ebibaleka,”  kusho u-Andrews.

Imvubu ibisibuyile eRondevlei ngabo-2.24 ezintatha.

“Ophenyweni kutholakale ukuthi kube nempi phakathi kwenkunzi ephethe nenye imvubu. Emizamweni yokubalekela inkunzi yesiqiwi, imvubu ibe isiyeqa. Idolobha lingakuqinisekisa ukuthi imvubu iqhuba kahle futhi azikho izigameko zokulimala ezenzekile,” kusho u-Andrews.

I-BBC Wildlife ithi: “Imvubu iyisilwane esiyingozi esikhulu kunazo zonke emhlabeni. Kulinganiselwa ukuthi ukuhlasela kwezimvubu kubulala abantu abangu-500 ngonyaka e-Afrika. Akubona nje ubukhulu nesisindo sazo kuphela okuzenza zibe yingozi, kodwa namazinyo azo abukhali kakhulu!”

Esithombeni ngenhla: Kubonakale ividiyo yemvubu ezulazula emigwaqweni yaseGrassy Park eKapa ezinkundleni zokuxhumana.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva