Imva kokufihla sekuyaziwa manje ukuthi iChiefs izodlala nobani eTurkey

Lubhalwe nguMichael Madyira

Amakhosi ekugcineni asededele ngemininingwane ngomunye wemidlalo yawo yobungani eyandulela isizini e-Turkey.

Iqembu liye e-Istanbul ngomhlaka-4 kuNtulikazi kwikhempu yokuqeqeshwa amasonto amathathu ukuze ilungiselele isizini ka-2024-25.

Uhlelo belugcinwe luyimfihlo, kodwa bakhiphe isitatimende mayelana nomdlalo ozayo.

“Njengoba iqembu liqhubeka nekhempu yangaphambi kwesizini namalungiselelo e-Turkey, Amakhosi azodlala umdlalo wawo wesithathu wokuzilolonga/wobungani ne-Al Shahaniya SC yase-Qatar e-Istanbul ngoMgqibelo ngomhlaka-20 kuNtulikazi,” kusho lezi zinkunzi zaseSoweto.

I-Al Shahaniya isanda kukhushulelwa ku-Qatar Stars League.

Ngokungafani nezimbangi zayo, i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns abaphumele obala ngemidlalo yabo yokulungiselela ukuqala kwesizini, iKaizer Chiefs ibiqikelele kakhulu futhi ingavumeli ngisho ukusakazwa bukhoma kwemidlalo yayo.

Le khempu yaphesheya ingeyokuqala kusukela ngo-2003, ngesikhathi beya e-South Korea.

Ikhempu yase-Turkey ibe nezingqinamba njengoba abadlali basemuva u-Edmilson Dove noBongani Sam bebuyiselwe ekhaya ngenxa yokulimala kanzima.

Unozinti uFiacre Ntwari, osayinwe yiwo Amakhosi kuTS Galaxy, akakwazanga ukujoyina ozakwabo abasha ngenxa ye-visa futhi uzoqala ukuzilolonga neqembu uma sebebuyele eNingizimu Afrika.

UDillan Solomons, uTebogo Potsane, uGeorge Matlou, uMduduzi Mdantsane nabo abekho ekhempini ngenxa yezinkinga zokuzivocavoca ngesizini edlule.

Isithombe esingenhla: IKaizer Chiefs izilolonga e-Turkey.

Umthombo: IKaizer Chiefs

Izihloko zakamuva