Lubhalwe nguRazeen Gutta
Impunyela yase-India uMukesh Ambani kubikwa ukuthi isengenele umjaho wokuthenga iqembu elingompetha base-England i-Liverpool ngemuva kokuba abanikazi balo be-Fenway Sports Group (FSG) belifake endalini.
I-FSG ibilokhu ifuna abatshali bezimali. Ngokusho kwe-The Athletic ukuthenga leli qembu njengamanje kungaba into enhle kakhulu. Mhlawumbe leli qembu lingathengwa ngemali ephakathi kuka-£3 billion no-£4 billion (± R60 billion kanye no-R80 billion).
“I-FSG isithole abanye abantu abafuna ukuba ngabanikazi bamasheya e-Liverpool,” kusho abanikazi esitatimendeni.
Abanikazi bathe ngaphansi kwemigomo nemibandela efanele ozothengiselwa amasheya uzonikezwa ngoba ebonakala ukuthi uzoletha inzuzo efanele eqenjini.
I-Liverpool njengamanje isebenzisa imali yebhizinisi ethathwa ifakwe eqenjini.
“Ohlelweni ebesinalo sikwazile ukusebenzisa imali. Bekumele sihlale sibheka ukuthi yini esisebenzelayo. Leso isimo esicacile,” kusho umphathi uJurgen Klopp kubika i-The Athletic.
UKlopp uthi ukudayiswa kwabadlali kwaba umphumela wokusebenzisa imali ngobuhlakani.
“Sonke siyazazi izinguquko ezimbili ezinkulu esizenze esikhathini esidlule ngaphambi kokuthenga uDarwin (Nunez) njengoba kulo nyaka sithenge no-Ali (Alisson) noVirgil (van Dijk). Sonke siyazi ukuthi lokho kwenzeke kanjani, sathola imali kwi-Barcelona futhi sayisebenzisa ngokuhlakanipha.
UKlopp uthi kwesinye isikhathi bekuba nesidingo sokusebenzisa imali njengoba kungekho okushibhile.
“Indlela esenze ngayo kuze kube manje isifikise lapho esikhona. Kodwa imali entsha siyayidinga futhi lokho akulona iphutha. Yebo kwesinye isikhathi kufanele kusetshenziswe imali.”
U-Ambani (65) ubalwa ngengowesilisa wesishiyagalombili emhlabeni ocebe kakhulu ngokusho kwe-Forbes.
UnguSihlalo we-Reliance Industries futhi ungumnikazi weqembu lekhilikithi le-Indian Premier League i-Mumbai Indians.
Isithombe esingenhla ngesikaMukesh Ambani
Umthombo wesithombe:@AnfieldEdition