Impunyela yakuleli ilobizela ukuthenga i-Twitter

Arthur Greene

Usozigidi waseNingizimu Afrika u-Elon Musk, indoda ecebe kunabo bonke emhlabeni, ulobizela ukuthenga i-Twitter ngo-$41 billion – imali elingana no-R606 billion.

UMusk, onguMphathi wakwa-Tesla, umemezele isicelo sakhe ngombhalo ku-Twitter ngoLwesine futhi uthe ufuna ukukhulisa amandla enkampani yezokuxhumana “emathubeni okukhuluma ngokukhululeka emhlabeni jikelele.”

Lezi zindaba zifika nje ngemuva kwesonto kuvele ukuthi lo sozigidi  ocebe kakhulu emhlabeni usephenduke umnikazi wamasheya amakhulu enkampanini yezokuxhumana ngokuthenga amasheya angu-9.2% ngo-$2.9 billion (u-R43 billion).

Okubalulekile ukuthi ukuthenga le nkampani akusona isivumelwano esiphelelisiwe kodwa uma ephumelela, cishe uzoyibumba kabusha inkampani.

“Ngitshale imali ku-Twitter njengoba ngikholelwa emandleni ayo okuba inkundla yenkulumo ekhululekile emhlabeni wonke,” kubhala uMusk encwadini eya kuBret Taylor ongusihlalo we-Twitter.

“Kodwa-ke, selokhu ngenza utshalomali lwami ngiyabona ukuthi le nkampani ngeke iphumelele noma isebenzise lesi sidingo somphakathi ngendlela okwenzeka ngayo njengamanje. I-Twitter idinga ukuguqulwa ibe inkampani ezimele.”

Uzichaze ngokuthi “ungumuntu othanda ukukhuluma ngokukhululeka” okuzoba into enhle ezindlebeni zabantu abahlukene abanjengoDonald Trump, ovinjwe unomphela ku-Twitter ngokugqugquzela udlame ngoMasingana ngo-2021.

Ukuma kukaMusk ekukhulumeni ngokukhululeka kungase kufike ezindlebeni zabathengisi bolwazi olunganembile. Okwamanje i-Twitter isusa imininingwane engamanga ngokusobala. “Umuntu ofuna ukukhuluma izinto ngenkululeko” njengoMusk angase akhethe abantu ukuthi basho abakufunayo, futhi anyundele noma ngubani, ngisho noma esho into engelona iqiniso.

Kunzima ukubukela phansi umthelela ozolethwa uMusk ku-Twitter kwipolitiki nasemhlabeni wonke. I-Twitter idlala indima ebalulekile ekulolongeni i-ajenda yezepolitiki kuwo wonke amazwekazi.

UMusk wazalelwa ePitoli waphothula esikoleni samabanga aphezulu i-Bryanston eGoli, nakuba lawo kungamaqiniso okungenzeka ukuthi akafuni niwazi.

Usozigidi, ojwayele ukujabula kakhulu ngokuphosa esivivaneni ezifundweni eziningi, udume ngokuthula ngendlela akhula ngayo eNingizimu Afrika.

Wahlukunyezwa kanzima esikoleni samabanga aphansi i-Bryanston kwaze kwadingeka ukuthi adlulele esikoleni samabanga aphezulu i-Pretoria. Kwathi uma ethola ithuba wagibela indiza eya e-Canada.

Ngesikhathi isikole samabanga aphezulu i-Pretoria sicela umnikelo wenkundla entsha yebhola, uMusk wabathumelela u-R1 million ngaphansi kwemibandela yokuthi bengaphinde baxhumane naye.

Scrolla World Cup Quiz