Elmon Tshikhudo
Ifu elimnyama seliphinde lagubuzela umndeni wakwaMagogona okwesibili ngemuva kwenyanga eyodwa izigebengu zibulale uNorah Magogona (53), esigamekweni sokugebenga.
Kulokhu kushone umyeni wakhe, uPhanuel (56), oshonele esibhedlela ngenxa yokulimala. Bobabili bashaywe ngenduku yegeja.
Umndeni wase-Phiphidi, ngaphandle kwase-Thohoyandou, uhlaselwe ngoSuku lwePhasika ngabantu abangaziwa.
Kukholakala ukuthi abahlaseli ngabantu bendawo abebazi ngebhonasi yonyaka kaPhanuel Magogona. Kuthathwe isamba semali esingadalulwanga ngesikhathi sesigameko.
Lesi sigameko sishaqise isigodi sonke sase-Phiphidi nezigodi eziseduze.
Ngaso sonke isikhathi umndeni ubucabanga ukuthi uPhanuel uzolulama futhi asho okwenzeke ngosuku lwesigameko.
Ngeshwa wedlule emhlabeni ese-Polokwane MediClinic.
Lokhu kube impindamshaye kulo mndeni, ukulahlekelwa ngabazali ngendlela enonya kakhulu ngesikhathi esifushane.
Udadewabo kamufi, u-Ivy Marandela, uthe umndeni uhlukene phakathi ngenxa yalo muga.
“Izinhliziyo zethu zibuhlungu futhi okwengeza kulobu buhlungu wukuthi umfowethu usitshele amagama abantu abamhlasele ngesikhathi esakwazi ukukhuluma. Sidlulisele la magama emaphoyiseni kodwa awazange alusukumele udaba.
“Lokhu kubuhlungu futhi umfowethu useshonile,” echaza.
UMarandela uthe umndeni ubufuna ababulali baboshwe.
“Umfowethu nomkakhe babulawe njengezilwane. Igazi beligcwele yonke indawo siye saphoqeleka ukuthi sishise imibhede nezingubo zokulala ngenxa yegazi.
“Sifisa ukwazi ukuthi babulaweleni kodwa kunalokho amaphoyisa abukeka emadolonzima ukuveza leyo mininingwane. Ngeke sisivale lesi sahluko uma ababulali bengakaboshwa.”