Impimpi ye-EFF isola iqembu ngokumxosha ngokudalula inkohlakalo

Celani Sikhakhane

USihlalo we-EFF e-Newcastle usola iqembu lakhe ngokusebenzisana ne-ANC ukumxosha ngemuva kokuba edalule ucingo olwaqoshwa olwaveza ukuthi iMeya ye-ANC ikhohlakele.

Le nkohlakalo kusolakala ukuthi yayibandakanya ukwebiwa kwemali eyizigidi ezimbili zamarandi, okwakumele isetshenziselwe ukwakha inxanxathela yezitolo yabantu abahlala emapulazini e-Utrecht.

Kodwa i-EFF isichithile isimangalo sokuthi uFuthi Mlambo waxoshwa eqenjini ngenxa yokudalula inkohlakalo. Bathe esikhundleni salokho waxoshelwa ukwamukela isikhundla sokuba uSomlomo kaMasipala waseMadlangeni.

“Ngilwe kakhulu ngizama ukuveza inkohlakalo kulowo masipala okuholele ekuphenyweni,” kusho uMlambo etshela i-Scrolla.Africa.

“Ngeshwa iqembu lami lihlulekile ukungeseka. Basebenzisane ne-ANC bangifaka ngaphansi kwezinqubo zokuqondiswa kwezigwegwe zenhlangano. Yingakho kuze kube namuhla umbiko mayelana nemali yezigidi ezimbili zamarandi wempahla ingakaze yethulwe emkhandlwini”.

UMlambo njengamanje umi njengomuntu ozimele okhethweni oluzayo lohulumeni basekhaya.

USihlalo we-EFF KwaZulu-Natali, uMnu Vusi Khoza uchaze uMlambo njengomuntu ophethwe yizinkinga zengqondo.

“Ungusomathuba futhi kusishaqisile ukuthi manje usezongenela ukhetho njengomuntu ozimele,” kusho uKhoza.

UKhoza uthi uMlambo watshelwa ukuthi angawamukeli lo msebenzi wokuba nguSomlomo kamasipala.

“Simxwayisile samyala ukuthi akunqabe lokho, kodwa wakhohliswa yimpilo yobukhazikhazi kanye nonogada, ngakho wanqaba”.

UKhoza wengeze ngokuthi uMlambo wanikezwa inqubo efanele yokufaka isicelo sokudlulisa ukuxoshwa kwakhe, kodwa kwangalunga.

Izihloko zakamuva