Everson Luhanga
U-Lloyd Siwela uhlala ngokwesaba okungapheli ngemuva kokusinda esigamekweni sokudubula lapho ebengalahlekelwa khona kalula yimpilo yakhe.
ULloyd nomngani wakhe bebesemotweni kaLloyd ngesikhathi kuqhuma isibhamu. ULloyd wasinda – umngani wakhe akazange asinde. Kanti manje uphila nolwazi lokuthi impilo yakhe yacishe yaphela kalula ngalolo suku.
Ngaleso sikhathi, la madoda amabili ayezama ukubalekela iphoyisa elalibahlukumeza.
ULloyd wayehlukumezekile ngemuva kokuthunjwa yileli phoyisa, elaziwa yibo bonke ozama zama basezindaweni zase-Roodepoort nase-Florida ngelika-Magolide.
UMagolide kuthiwa ufafaze uLloyd ngo-pepper-spray, wambopha ngezintambo zekhebula, wamshiya ehlathini ubusuku bonke. Waze wasindiswa ngabangani bakhe ngakusasa ekuseni.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uLloyd uthe kunezibonelo eziningi zokuthi uMagolide ubemlandela kanjani yena nabangani bakhe.
Uthe ngoNhlaba ngowezi-2020, uMagolide wamlandela ngokumjaha ngemoto. Leli phoyisa lavimba indlela yakhe uLloyd washayisa waklwebha iveni lombuso wamaphoyisa ohlangothini lwesobunxele. Ezinsukwini ezintathu kamuva, ukuthunjwa kwenzeka. NgoMandulo umngani wakhe wadutshulwa wabulawa esemotweni yakhe yiqembu elingaziwa ngesikhathi bezama ukubalekela uMagolide.
I-Scrolla.Africa sikhulume nabanye abaningi abasola ukuthi leli phoyisa lalibafuna nabo.
Ngokusho kukazama zama uJames Khumalo, uMagolide uyilungu elaziwayo leqembu lendawo lezigelekeqe la-Besotho.
“Amalungu ezigelekeqe za-Besotho aya kozama zama ukuyolanda imali. UMagolide uya emigodini cishe njalo ngehora eyolanda imali kubaholi beqembu ukuze athathe isabelo sakhe,” esho.
UZama zama, uThulani Moyo uthe uMagolide naye uziqoqela imali ngokwakhe.
“Uma ungenayo imali, uyakuhlasela akufuthe nge-pepper-spray bese ethatha izikhwama zakho,” kusho uThulani.
Leli phoyisa elikhohlakele manje selibhekene namacala okuthumba kanti lavulelwa icala lokucekela phansi impahla yombuso ngemuva kokuhluleka ukubika ngesigameko lapho imoto yalo yombuso ilimala.
Kusolwa ukuthi wazama ukupenda phezu kwalo mhuzuko ngebhulashi.