Everson Luhanga
ULerato Nkoana uthe isoka lakhe elinguzama zama belibanakekela kahle. Kodwa-ke kwahlasela umvalelo.
“Imigwaqo ibithule. Amasosha namaphoyisa ayegcwele yonke indawo. Bekusabisa kakhulu ikakhulukazi kozama zama ukuba baphume emakhaya nemishini yabo,” kusho yena.
Lezi zithandani zihlala emijondolo yaseZamimpilo squatter endaweni yase-Longdale Industrial ngase-Riverlea, eGoli.
Uthe umndeni wakhe usizwa kuphela ngamaphasela okudla abawanikezwa amaSamariya alungileyo.
“Ngesikhathi somvalelo, ukungena emhubheni kwase kuyingozi kakhulu kunakuqala,” esho.
“Abanye baboshiwe. Abanye abakaze babuye. Asazi ukuthi kwenzekeni kubo.”
UMuhao Tshabalala uthe ubesesebenze iminyaka engaphezu kweyishumi enkampanini yezokwakha kodwa kwabe sekufika umvalelo kwavalwa inkampani.
“Bengingenayo enye indlela yokuthola imali. Ngibe uzama zama ngoMfumfu,” kusho yena.
UThemba Nyambo, osebenza njengozama zama e-Faraday enkabeni yeGoli uthe ulahlekelwe ngumsebenzi endaweni yokudlela e-Maboneng ngesikhathi kuqala umvalelo.
“Bengiphila impilo ehloniphekile nomndeni wami kodwa konke lokho kuphele ngesikhathi kuqala umvalelo.
“Ukuphela kwendlela yokuthola imali bekuwukulandela abafana emhubheni,” esho.
Umhlali wase-Braamfischerville extension 9 e-Soweto uthi mhlawumbe uhulumeni kufanele enze le mboni ibe semthethweni.
“Inani elikhulayo lozama zama liyinkinga. Abafana bayabulalana,” kusho yena.
Imishini kaPhenduka yokuhlukanisa uthuli negolide itholakala kuyo yonke imiphakathi eseGoli, e-Soweto nase-Kurhuleni.
UJoel Mabaso wase-Braamfischerville uthe nsuku zonke babona ubuso obusha njengoba izinsizwa zibona izimayini njengenye indlela yempilo kunobugebengu basemgwaqeni.
“Ayikho imisebenzi. Abantu baphelelwe yithemba. Intsha eningi iba ngozama zamama. Bathi babalekela ukwenza ubugebengu obuzobafaka emajele.”