Impilo yozama zama ingxenye yesihlanu: Amaphoyisa omkhandlu asindise amaphoyisa kozama zama abebethukuthele

Everson Luhanga

Bephelezelwa ngamaphoyisa, umndeni kazama zama Ntando Nkomo owabulawa, uye emgodini obuswa nga-Basotho ukuyolanda isidumbu sakhe.

Kodwa obekufanele kube umcimbi ohloniphekile futhi onesizotha uphenduke isimo esinodlame lapho okudingeke khona ukuthi izikhulu zamaphoyisa akwa-SAPS zitakulwe kozama zama abebethukuthele.

Inkinga kube wukuthi leli lungu lamaphoyisa ka-SAPS elizondwayo nelisatshwayo elaziwa ngokuthi nguMagolide, lingelinye lamaphoyisa afike nabazilile.

Ngokusho kozama zama, uMagolide unesihluku futhi usatshwa abantu bonke emayini. Bamsola ngokubaphuca imali yabo nothuli lwegolide. Ubuye wasolwa ngokushaya ngodlame kanye nokuhlukumeza ozama zama bendawo.

UJoel Mabaso, okhulumela umphakathi nabazilile, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi leli phoyisa belimhlukumeza.

“Ngicele leli phoyisa ukuba lisiphelezele. Lathi angisuke ebusweni balo futhi akumele ngithinte iveni yamaphoyisa,” kusho uMabaso.

“Ungitshele ukuthi umndeni uzosizwa nguye kuphela.”

Ngemuva kokulandwa kwesidumbu leli phoyisa lize endaweni yesehlakalo nokuyilapho ozama zama abadube khona, bamxosha ngesikhathi amaphoyisa omkhanflu kanye nezikhulu ze-EMS bebuka.

Emzuliswaneni olandelayo wezigameko, i-Scrolla.Africa sizibonele ngawayo amehlo imoto kaMagolide ishaywa ngamatshe ngemuva kokuzama ukufutha i-pepper spray ngesikhathi abebezobhonga emswaneni belinde iveni yasemakhazeni ebizolanda isidumbu sikaNtando.

Amaphoyisa omgwaqo abehambele indawo yesehlakalo aphoqeleke ukuthu ahlenge amalungu amaphoyisa esixukwini ebesithukuthele.

Izihloko zakamuva