Impilo yomlutha we-nyaope. Ingxenye yokuqala: Impilo enzima ukwedlula isigwebo sasejele

Everson Luhanga

UPhilip kanye nabangani bakhe bahlangana ngaphansi kwesihlahla ukubhema izidakamizwa. Ndawonye, ​​babhema i-nyaope – ingxube yensangu, ugwayi kanye nempuphu emhlophe egoqwe ngephepha.

Iningi lemilutha liyayibhema ngokuyishisa i-nyaope, kodwa abanye bayayixuba namanzi bese beyijova ngqo egazini. (Uma ubheka kuvidiyo).

Lesi sidakamizwa siyingozi emzimbeni nasengqondweni. Ngenxa yaso sekuhlukene imindeni eminingi. Kanti futhi intsha eningi isidele impilo.

UPhilip ungomunye wabantu abasha baseNingizimu Afrika asebechithe impilo yakhe yonke ebhema izidakamizwa.

UPhilip Raphiri wase-Alexandra, eGoli waqala ukubhema izidakamizwa eneminyaka eyi-11, kanti sekube wuhambo lweminyaka engama-24 lobuhlungu, ukuhlupheka okukhulu nokungabi nathemba.

Manje uneminyaka engama-35, kanti futhi ulala emahlathini ngenxa yokungazwani nomndeni wakhe. Akanazo izinhlelo ngekusasa lakhe. (Bheka ingxenye yesibili)

UPhilip ucela usizo lokuyeka izidakamizwa.

Uthe, ukuba ngumlutha wezidakamizwa kule minyaka engama-24 edlule kube ubunzima obukhulu kunokugwetshwa udilikajele. 

Iminwe yakhe imnyama futhi yomile, isikhumba siqhekekile, ukhuluma ngezwi elijulile, eligcwele izidakamizwa kanye nokuzisola.

Uthi, icala lakhe ukuba mpofu nokungakwazi ukuphila impilo ayifunayo, okwaholela ekubeni abe ngumlutha wezidakamizwa. 

UPhilip obebukeka ekhathele futhi ebuthaka, usixoxele lokhu 

“Mina ngiyizibulo bese ngiba nezingane zakwethu ezintathu ezazithembe mina ukuthi ngikwazi ukubeka ukudla etafuleni. Umama akaze asebenze impilo yakhe yonke. Wayengifuna imali ngingakabi ngisho neminyaka eyi-10,” kusho uPhilip.

Wayeka isikole ngoba yayingekho imali yokuxhasa imfundo yakhe. Yayingekho imali.

“Angifundile. Angikaze ngisebenze. Kodwa noma kunjalo benginengcindezi yokondla umndeni wami,” kusho uPhilip.

“Ngayeka isikole ngifunda ibanga lesithupha ngenxa yengcindezi yokuthi kwakumele ngithole imali kanye nokudla engizokuhambisa ekhaya.”

UPhilip waphendukela ebugebengwini. 

“Kwakufanele (ngiphantele) mina kanye nomndeni wami,” kusho uPhilip.

“Ngaqala ukuhlala emakhoneni emigwaqo ngibamba abantu inkunzi ngibaphuca omakhalekhukhwini nezinye izinto. Ngaqala lapho ukuthola imali. Kwakumnandi. Futhi kwakubonakala kulungile.” 

Kepha ngolunye usuku ehleli nabangane bakhe, ecabanga ngesisulu sabo esilandelayo, waqala lapho ukubhema izidakamizwa. 

“Intuthu yokuqala yalandelwa enye ngagcina sengingene phakathi ezidakamizweni. Lo mkhuba omubi waqhubeka nokukhula. Manje sengifike la engikhakhathala khona ukuba umlutha wezidakamizwa. Ngilawulwa izifiso zami zokuqhubeka nokubhema.”

Uthe, usebheme izinhlobo ezahlukene zezidakamizwa okubalwa kuzo insangu, i-tik, i-cocaine kanye ne-ecstasy.

“Njengoba ngingenayo imali yezidakamizwa ezibizayo, ngibhema i-nyaope. Ingcono yona ngoba ishibhile futhi ihlezi itholakala. Ngesikhathi ngihlanganisa iminyaka eyi-12, ngase ngivele ngiyisigqila sezidakamizwa,” kusho uPhilip.

Ngemuva kwalokho wafinyelela esigabeni lapho ayesegxile khona kwizidakamizwa kuphela.

“Uthi, wavele wakhohlwa ukusiza umndeni wakhe. Washiya wonke umuntu ukuze nabo baziphantele ukudla kwabo ukuze baphile.”

“Yonke imali ebengiyithola bengithenga izidakamizwa.”

Wahamba ekhaya waqala ukulala ngaphansi kwezihlahla, amabhuloho kanye nezinye izindawo eziyingozi.

“Uthi, njalo uma kufika izimvula, ukukhanya kwelanga noma amakhaza ashubisa umnkantsha ngisuke ngiphandle ngiphethe izingubo zami zokulala ezingcolile futhi ezinukayo. Angisakhumbuli nokuthi ngagcina nini ukugeza,” kusho uPhilip.

“Le bekungeyona impilo ebengifisa ukuyiphila kodwa seyenzekile. Ukuhlupheka kwangiphoqa ukuthi ngihlale emigwaqeni ebandayo yaseGoli,” kusho uPhilip.  

Izihloko zakamuva