Everson Luhanga
Emzini womndeni kaPhilip Raphiri e-Alexandra, eGoli, kunuka iphunga lobubha, indlala kanye nokuphelelwa yithemba.
Ngesikhathi sivakashele uPhilip ukuthola ukuthi uhlala kuphi futhi sikwazi nokukhuluma nomndeni wakhe, iqembu labakwa-Scrolla.Africa lifice udadewabo, u-Esther Raphiri endlini. Umama kaPhilip ubengekho eyophanta ukudla.
Le ndlu eyakhiwe ngezitini enekamelo elilodwa kanye newindi elilodwa elincane, isetshenziswa ilo mndeni njengegumbi lokulala, igumbi lokugezela, igumbi lokudlela, ikhishi kanye nendawo yokuphumula.
La magundane ajwayele ukuvakasha cishe kuyo yonke imizi yase-Alexandra, abengekho nhlobo kaPhilip. Amagundane amakhulu awasezi ekhaya likaPhilip njengoba ingekho into angayidla.
U-Esther oneminyaka engama-31 ongumama wezingane ezintathu, uvumile ukukhuluma nethimba lakwa-Scrolla.Africa.
“Izidakamizwa ziqede umndeni wethu,” kusho u-Esther.
“Bobabili abafowethu baqale ukuba imilutha yezidakamizwa besebancane kakhulu. Omunye wabafowethu, uThema Raphiri ushone ngoZibandlela ngesikhathi eshayiswa yimoto ebigijima ethi ubalekela amaphoyisa akwa-Metro.”
Uthe, bobabili abafowethu sebeboshwe kaningana ngamaphoyisa ngenxa yokudayisa izidakamizwa noma ukweba.
“UThema waqala ukusebenzisa izidakamizwa eneminyaka eyi-13. Wayeka isikole efunda ibanga lesine wangena ezidakamizweni. UPhilip, umfowethu omdala, wayeka isikole efunda ibanga lesithupha. Izinto bezinzima kangangokuba nomama ubecela imali kubafowethu,” kusho yena.
“Sonke besazi ukuthi babamba inkunzi futhi basabisa abantu abangenacala elokishini, kodwa besamukela noma yini abayiletha endlini. Ngoba yilokho kuphela ukudla ebesingakudla.”
U-Esther uthe, uphila ngezibonelelo zezingane zakhe.
“Kwesinye isikhathi ngiluka abantu bese beyangikhokhela. Kepha ngesikhathi somvalelo wesigaba sesihlanu, izinto zazinzima njengoba abantu babengavunyelwe ukuhamba. Ngangithembele emalini yesibonelelo sezingane zami,” kusho u-Esther.