Impilo yenkosi yomphakathi wase-Limpopo iqedwa ngezinhlamvu ezingama-28

Elmon Tshikhudo

UNale Samuel Munyai, indoda ebiphila impilo enzima echazwa ngokungabi nabulungiswa, utholakale ebulewe ngoLwesihlanu enamanxeba angama-28 ezinhlamvu.

UMunyai oneminyaka engama-44, wake wabhekana nokungabi nabulungisa ezandleni zohlelo lwezomthetho. Kodwa-ke wabe eseqhubeka waba yinto ayesolwa ngokuba yikho: isigebengu esinodlame.

Eminyakeni eyandulela ukushona kwakhe, izakhamizi eziningi endaweni yase-Thohoyandou zasola uMunyai ngokugqugquzela udlame oluhlasele indawo enezinkinga.

Isidumbu sakhe sitholakale ngoLwesihlanu, sisongwe ngoplastiki sifihlwe ehlathini elisezintabeni e-Tshidzivhe, amakhilomitha amaningi ukusuka ekhaya lakhe.

Amanye amalungu omphakathi, afisa ukungadalulwa, asole ukuthi amaphoyisa akhohlakele e-Thohoyandou abesebenza kanye namaqembu ezigebengu akule ndawo. Lokhu kuthiwa kwakusuka ebhizinisini elibizwa nge-Jerusalem Paradise, uMunyai ayengumphathi walo.

Abanye baye basola ukuthi uMunyai ubamba inkunzi kubanikazi bamabhizinisi endawo asendaweni abangamaNdiya, agqekeze emakhaya abo ukuthola izinto eziyigugu, abaphoqe nokuthi bamkhokhele imali yokuzivikela.

Wayengumnikazi wendawo yokucima umoya, indawo yokudlela nebhizinisi lamashonisa, wonke la mabhizinisi ebesebenza esakhiweni esisodwa.

Kepha ngaphambi kokusolwa ngokudala leli bhizinisi lobugebengu, uMunyai wachitha unyaka nohhafu ejele ngecala lokubulala angazange alenze.

Uthe waqala amabhizinisi akhe ngemali eyizi-R900,000 ayithola ngemuva kokumangalela i-SAPS ngokuboshwa kungafanele.

Besekuphele isonto uMunyai elahlekile kodwa alikho icala lomuntu olahlekile elivuliwe.

Imithombo esondelene nalesi sigameko ithe kubonakala ukuthi wathola ucingo ngesikhathi esekhaya. Amakhamera we-CCTV emzini wakhe kuthiwa amkhombisa ekhuluma ngocingo lwakhe, bese eya emotweni ebilinde ngaphandle.

Izakhamuzi zithi uMunyai ubengumuntu oqaphelayo kakhulu futhi ubengeke ahambe nabantu angabazi.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo ukuqinisekisile ukuthi owesilisa oneminyaka engama-44 utholakale eseshonile, umzimba wakhe usongwe ngoplastiki.

“Kuvulwe icala lokubulala. Okwamanje kusaphenywa ngesizathu sokubulawa kwakhe.”

Noma ngubani onolwazi uyacelwa ukuba athinte uDetective Sergeant Maanda Christopher Sumbana kule nombolo-072 267 7346 noma ku-Crime Stop.

Izihloko zakamuva