Everson Luhanga
Wake wahlangana nezinkabi ezazikhokhelwe ukuthi zimbulale, kodwa wasinda ngemuva kokuzinika imali ephindwe kabili kunale ababekhokhelwe yona.
Ngemuva kweminyaka eyisishiyagalombili, uMandla Nzimande udutshulwe wabulawa.
Ubethanda ukuzibiza – njengomenzi wokuthula owenza konke okusemandleni akhe ukunqanda ukubulawa kwabantu okugcwele embonini yamatekisi futhi nozakwabo bamchaze kanjalo.
Watshele i-Scrolla.Africa ngoNhlaba ukuthi uyise wayengumphathi wamatekisi owabulawa kudlame lwamatekisi.
Ngenxa yalokhu, wayenethemba lokuthi uzoziqhelelanisa nalomkhakha, wasebenzela uMnyango Wezobuciko Namasiko esikhundleni salokho.
Kodwa ngowezi-2007, wabe esevuma wajoyina umkhakha wamatekisi.
Ngowezi-2009, waqokwa njengosihlalo ophethe i-Greater Alberton Taxi Association ngemuva kokuthi uSihlalo wangaphambilini nabaphathi bakhe bedutshulwe bonke.
Ngowezi-2010, wakhethwa njengosihlalo omusha kasoseshini ngemuva nje kokuqokwa njengonobhala wayo.
Ukusuka lapho, kwaqala umncintiswano omkhulu wezingxoxo zokuthula.
“Inhloso yami yokuthi ngibambe iqhaza kulo mkhakha bekuwukushintsha umqondo wabantu abebebulalana ngoba nginombono ohlukile kowomuntu olandelayo.
“Impela, uma sigxila ebhizinisini nasekwenzeni imali, lokhu kubulala kuzophela nakanjani,” esho.
Kodwa yize ebelwela ukuthula, uNzimande akazange asinde ekuzameni ukubulawa eminyakeni edlule, kuhlanganisa nalokhu kubulawa okugcine kumyise ethuneni kule mpelasonto.
Engxoxweni ngaphambi kokushona kwakhe, wathi ngowezi-2013, abantu abathathu babemlinde esangweni lakhe ukuze bambulale. Wathola isexwayiso wadlula ngasemzini wakhe wabiza amaphoyisa abe esemphelezela waya ekhaya.
Ngowezi-2015, umshana kaNzimande, oyisangoma, wambizela kwindumba yakhe ezomtshela ukuthi izinkabi ezintathu zizile kuye ukuze zithole umuthi wokubulala yena. Ngenkathi bembiza ngegama lakhe base bekhipha nesithombe, umshana wakhe wabona ukuthi bahlose ukubulala umalume wakhe.
UNzimande waya kohlangana nalezo zinkabi ezazinikezwe izi-R15,000 ukuthi zimbulale. “Ngesikhathi ngihlangana nezinkabi, ngazinikeza izi-R30,000 ukubabonga ngokusindisa impilo yami.
“Bangibuza ukuthi ngabe kufanele bambulale yini lo muntu obathumile, kodwa ngabatshela ukuthi cha bangakwenzi lokho.”