Lubhalwe nguLeletu Mburwana
ILilian Ngoyi Street ivulwe kabusha enyangeni edlule ngemuva kweminyaka emibili uvaliwe kulandela ukuqhuma kwepayipi eliyingozi enkabeni yedolobha laseGoli.
Abathengisi nabanikazi bamabhizinisi bathi amakhasimende abuya kancane kancane njengoba amatekisi, abadayisi nabahamba ngezinyawo bebuyela emgwaqeni ophithizelayo.
Imigwaqo yedolobha laseGoli iyaphithizela futhi ngemva kwenyanga kuvulwe i-Lilian Ngoyi Street, owawubizwa ngo-Bree Street, waphinde wavulelwa izimoto nabahamba ngezinyawo.
Umgwaqo ophithizelayo wawuthule cishe iminyaka emibili ngemva kokuqhuma okubi kwepayipi legesi okushiye izingxenye ze-CBD zilimele futhi zivalile. Manje, umsindo wokukhala kwamatekisi, abadayisi bememeza izipesheli zabo nabantu abagijimela emsebenzini kwenze le ndawo yaphila futhi.
Kumdayisi wasemgwaqeni uNongcebo Buthelezi lolushintsho lulethe omkhulu umehluko. Udayisela abasebenzi nabagibeli bamatekisi ukudla okuphekwe ekhaya futhi uthi ibhizinisi seliqalile ukukhula.
“Akusafani nakuqala, kodwa emasontweni amathathu edlule abengcono kakhulu,” kusho yena. “Sekuyiminyaka ngamgcina ukuba matasa ngale ndlela.”
Umnikazi wesitolo samakha u-Asae Diop naye uwubonile umehluko. “Abantu babuyile,” kusho yena. “Ngenxa yokuthi kusehlobo, amakhasimende amaningi afuna iphunga elimnandi. Ibhizinisi liyahamba futhi.”
Owenza ama-dreadlocks uMzonke Mthethwa uthe ubugebengu buthuse amakhasimende amaningi ngemuva kokuvalwa komgwaqo.
“Njengoba umgwaqo usuvuliwe silindele ukuthi siphinde sibe matasa, silahlekelwe amakhasimende amaningi ngoba esaba ukugetshengwa,” usho kanje.
Ocwala izinwele uJoy Nana, uthi ukuvulwa kabusha kulethe umunyu.
“Sithuthile endaweni yethu ngoba bekungekho mnyakazo lapha,” kusho yena. Kodwa ngesikhathi bevula umgwaqo sibuyile. Amanye amakhasimende ethu amadala aze abuya.”
Esithombeni esingenhla: ULilian Ngoyi Street.
Umthombo wesithombe: @CityofJoburgZA
