Elmon Tshikhudo
Ngemuva kokushona kwabafuduki abangu-11 abaminze bewela umfula wase-Limpopo ngesonto eledlule, izinto ziqhubeka njenge njwayelo ezindaweni eziseduze nase-Malala Drift nase-Marooi.
Abeqa imingcele bengenawo amaphepha asemthethweni basaqhubeka nokuwelela eNingizimu Afrika baphinde babuyele e-Zimbabwe nsuku zonke.
I-SANDF igada imingcele ubusuku nemini kodwa labo abawelayo banezikhathi abawela ngazo futhi bengabonwa muntu.
Uthango olungamakhilomitha angu-40 olunqamula umngcele ophakathi kwe-Zimbabwe neNingizimu Afrika alusizi ngalutho ukubavimba ukuba beqe. Alusizi ngalutho ucingo olwabiza uhulumeni imali engu-R37 million futhi lunezimbobo okubonakalayo ukuthi abawelayo badlula kuzo.
Ngaphandle kwalabo abawela ucingo, abaningi bakhokha imali enkulu ukuze baweliswe abashayeli bendawo bemikhumbi.
Osebenza ngezikebhe, uHonesty Mpofu, osekuphele iminyaka emithathu esebenza kuleli bhizinisi, uthe sekuyingxenye yempilo yabo yansuku zonke ukuthutha impahla nabantu abewela umfula wase-Limpopo.
“Okushiwo ungqongqoshe wezasekhaya u-Aaron Motsoaledi kanye nesigameko sokuminza kwabantu abangu-11 akusiphazamisanga neze, kwazise siqhuba ibhizinisi lapha,” kuchaza uMpofu.
“Abantu bawela lapha kalula futhi ziningi izikhala abangawela kuzo eduze kocingo lomngcele,” usho kanje.
UMpofu wengeze wathi ibhizinisi liyadlondlobala njengoba besebenza ubusuku nemini bekhokhisa imali engango-R100 umuntu ngamunye ukuwela umfula. Uthe kuya ngokuthi umthwalo ungakanani, futhi bengakhokhisa ngisho imali yomthwalo ephakathi kuka-R100 no-R600.
Omunye oshayela izikebhe ongathandanga ukudalulwa igama utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bayakwazi ukugwema ukuboshwa ngamasosha.
“Akukho okuzosivimba ekutheni siziphilise,” usho kanje.
Labo abeqa umngcele abantu abangenazo izincwadi ezifanele, beqa ngoba bezofuna amadlelo aluhlaza eNingizimu Afrika. Kuvela nokuthi abanye abangena kwelakuleli ngabashushumbisi bezinto ezingekho emthethweni.
Abanye bawelela kuleli ngoba bezothenga izidingongqangi njenge gilosa edolobheni eliseduze lase-Musina futhi baphindela emakhaya ngalo lolo suku.