Impilo iqala eminyakeni engamashumi amane

Everson Luhanga

Ukungabi nentshisekelo yezocansi, ubugebengu, udlame olubhekiswe kwabobulili obufanayo, kanye nezinye izindaba eziningi zomphakathi konke kuxoxwa ngakho ngabesilisa kanye nabesifazane abayingxenye yeqembu lezingxoxo, i-Alex’s Life Begins at 40.

Leli qembu, elisungulwe ngoNhlolanja kulonyaka, selidume kakhulu kwabesilisa nabesifazane elokishini ngezibalo ezihlala zanda zabajoyina iqembu.

Umsunguli weqembu uJimmy Masingi, uthe leli qembu libhekela iqembu elithile leminyaka elinamalungu alo avame ukuzizwa sengathi umphakathi awubanakile.

“Abantu abaningi abaneminyaka engama-40 nangaphezulu bazizwa sengathi konke abakudingayo ukugxila ekukhuliseni imindeni yabo,” kusho uJimmy etshela i-Scrolla.Africa.

“Kwesinye isikhathi, bayayeka ukwenza izinto ezijabulisayo zempilo njengoba isizukulwane samanje sithatha indawo yaso. Sisho kubantu abanjalo ukuthi impilo iqala eminyakeni engama-40 ubudala futhi asigubhe impilo ngesitayela.”

UJimmy uthe akuyona imfihlo ukuthi amadoda ajwayele ukungathandi ukuxoxa ngezinkinga zawo – ukungasebenzi kahle kweNduku, isimo sezomnotho kanye nobudlelwano bezothando okungaba yizindaba ezibucayi ongakhuluma ngazo. Kodwa emihlanganweni yeqembu, abaningi bazizwa bekhululekile ukukhuluma namanye amadoda angontanga ngaphandle kokwesaba.

Uthe noma yinini la abahlangana khona, iqembu likhetha isihloko sosuku, bese bebiza  ochwepheshe abafanele ukuze babanikeze izeluleko mayelana nale ndaba.

“Eqenjini lethu, singamaphoyisa, odokotela, odokotela bengqondo, abaholi bezinhlangano ezisemphakathini kanye nezinye izifundiswa,” esho.

Uthe nabesifazane bakhuluma ngobudlelwano babo futhi uma abalingani babo bebahlukumeza, bathola usizo lochwepheshe nolwabangani ngalo usuku.

UJimmy uthe ngaphambi kokuphetha umhlangano bayaphuza, badlale umculo wezikhathi zabo bese beyadansa.

“Sidlala izingoma zesikhathi sethu futhi sijabule nje,” kusho uJimmy.

UJackie Chauke oyilungu, uthe amalungu eqembu ayakwazi ukufundisana ngobuchwepheshe, okuyinselelo kubantu abaningi abaseminyakeni yabo yobudala.

“Siphinde sikhulume ngokuthi singaletha kanjani iziyalo ezimpilweni zezingane zethu. Yebo, impilo iqala eminyakeni engama-40, futhi asike sijabule!”

Izihloko zakamuva