Impikiswano ngelikanobhutshuzwayo elihamba phambili kuleli 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Inkulumompikiswano ngokuthi yiliphi iqembu le-Premier Soccer League (PSL) elibe nempumelelo kule sizini esanda kuphela idonse amazwi ezihlabani zeBafana Bafana.

IMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates yiwona kuphela amaqembu awine izicoco ngo-2022/23.

Emiqhudelwaneni emine la maqembu abebambe iqhaza kuyo iSundowns iphakamise isicoco se-Premier Soccer League kuphela.

Kube isizini yePirates njengoba iwine izicoco ezimbili ese-MTN8 kanye nese-Nedbank Cup emiqhudelwaneni emithathu.

Kodwa imibono ihlukene ngokuthi yiliphi iqembu elifanele ukuhamba ibanga elide kakhulu ekhefini lakule sizini.

Owashaya amagoli amaningi kuBafana nowayengumdlali wePirates, uBenni McCarthy ukubona kunzima ukukhetha kodwa uqoka iSundowns.

“Kunzima [ukuhlaziya],” kusho uMcCarthy etshela i-Marawa Sports Worldwide esakaza ku-94.7.

“Udlala unyaka wonke ukuze uwine iligi ngakho ukuwina i-MTN8 Cup kanye ne-Nedbank Cup kuhle kodwa ngicabanga ukuthi okufunwa  kakhulu isicoco seligi.

“Ngicabanga ukuthi babe nesizini enhle kodwa ngokwezinga labo akwenele. Kufanele [iPirates] iphushe iSundowns ize iyofika ekugcineni. Kufanele kube umncintiswano oseduze kakhulu kunalokhu obuyikho.”

Ukugxekwa kweSundowns kushubile ikakhulukazi ngemuva kokutshala imali eningi emakethe yokudayiselana ngabadlali okubalwa nokuya e-South America ukuyolanda umdlali iphinde ihehe uBongani Zungu ukuthi alahle umsebenzi wakhe e-Europe.

Lowo owayengumgadli weBafana, uKatlego Mashego owake wadlalela iPirates neSundowns umangqikangqika.

“Awukwazi ukuqhathanisa la maqembu amabili,” kusho uMashego etshela i-Scrolla.Africa.

“Impumelelo imayelana nokuwinile kanti womabili la maqembu aphumelele ngendlela yawo.

“Kunzima ukusho ukuthi elinye iqembu liphumelele kakhulu kunelinye. Womabili abe nesizini enhle.

“Kodwa kusobala ukuthi isicoco seligi sinesisindo esikhudlwana ngoba yilapho okhombisa khona ukungaguquki isizini yonke.

“I-Nedbank Cup iyisicoco esingawinwa yinoma yiliphi iqembu. Esikhathini esedlule sabona iTS Galaxy iwina lesi sicoco ngesikhathi idlala ku-First Division.”

Yize iPirates neSundowns bewine izicoco kube isizini engeyinhle kuKaizer Chiefs eyandise isomiso sayo safinyelela kumasizini ayisishiyagalombili.

Esithombeni esingenhla: UDeon Hotto we-Orlando Pirates uphonsela inselelo umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns uKhuliso Mudau

Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva