Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata
Uma izindlovu zilwa, utshani buyathikamezeka lokhu kucishe kufane nesisho sasendulo esivela kubantu base-Kenya e-Kikuyu esithi uma izilwane ezinkulu zilwa kulimala ezincane.
Okucishe kufane nalokhu kwenzeka esikoleni samabanga aphezulu e-St John’s College, okuyisikole esidumile saseMthatha ngamacala amaningi okushaya kothisha aseholele ekuhluphekeni kwabafundi. Futhi lokho kubonakala nangendlela abenza ngayo ezifundweni zabo.
Ngemuva kwecala lokushaya elibikwe uthisha elibhekene nelungu lesigungu esilawula isikole (SGB), kuvele ukuthi uThishomkhulu wesikole naye ubhekene necala lokushaya.
Lesi sikole esasungulwa ngo-1879, saziwa ngokukhiqiza imiphumela emihle kamatikuletsheni ezifundweni zezibalo nezesayensi, kodwa izinga lokuphasa kwalo liye lehla kule minyaka embalwa edlule.
Isithunzi sesikole sonakaliswe ingenxa yokulwa ongungaphakathi esikoleni. Uthisha uvule icala lokushaya elivulelailungu le-SGB ngemuva kokuhilizisana nalo emhlanganweni obushubile esikoleni ngoNhlolanja.
Kulezi zinxushunxushu abafundi bakumatikuletsheni kulesi sikole kumanje abanabo othisha bezifundo ezibalulekile okubalwa kuzo izifundo zezibalo nezesayensi. Othisha bakulezo zifundo bamisiwe lokhu kwenzeke ngaphambi kokuhlolwa kwekota lokuqala unyaka.
Ngisho nangaphambi kokuba isikole sibe nezinxushunxushu, bekuvele kubheda kakhulu. Ngo-2020 umatikuletsheni walesi sikole waphasa ngo-82% kanti ngo-2021 waphasa ngo-91%. Kodwa-ke izinga lokuphasa kumatikuletsheni lehle lafika ku-77% nyakenye. Kunokwesabela ukuthi kungase kube kubi kakhulu kulo nyaka.
Ngesikhathi i-Scrolla.Africa ivakashele kulesi sikole ngoLwesithathu, uThishomkhulu ubengekho. Kuthiwa ubonakale ephuma ephuthuma ngoba kuthiwa amaphoyisa abezombopha ngecala lokushaya.
Othisha abakhathazekile bakulesi sikole abakhulume ne-Scrolla.Africa, kodwa bacela ukungadalulwa amagama abo bathe uThishomkhulu nguyena odale izinxushunxushu esikoleni.
“Ubuholi bakhe bunokuchema kothisha,” kusho uthisha.
“Othisha abakwazi ukumpimpa ngokwenzeka lapha yibona abahlukunyezwayo.”
“Siqale ukuphatheka kabi ngendlela isikole ebesiphethwe ngayo ngesikhathi sobhubhano lwe-Covid-19 ngo-2020. UThishomkhulu kanye ne-SGB yakhe bathatha isinqumo sokuvala zonke izinhlelo zesikole ezithuthukisa ukusebenza kwabafundi,” kusho uthisha.
Lo thisha uthe ngo-2021 bakhungatheka ngenxa yokungaxhaswa ngabaphathi besikole njengoba ukufundisa kwenzeka zingekho izinhlelo ezibalulekile.
“Ngaleso sikhathi abafundi baqala ukuphuza utshwala,” kusho uthisha.
I-Scrolla.Africa ayikwazanga ukuthola ukuphawula kukaThishomkhulu njengoba ebekwe elinye icala lokushaya.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo akakaphenduli esicelweni esenziwe i-Scrolla.Africa mayelana nokuthi aphawule ngalolu daba.
Isithombe esingenhla: Isikole sangaphambili saseMthatha
Umthombo wesithombe: Songeziwe Mapukata