Impi yokushayelisana kabi idlule nomphefumulo wowesifazane

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Owesifazane okusolwa ukuthi wenze iphutha lokushayela adlule uphawu lokuma – ukhokhe kanzima ngempilo yakhe ngesikhathi edutshulwa ebulawa phambi kwendodana yakhe.

Mhla zinhlanu kuZibandlela, uLawu ubehamba ngemoto nendodana yakhe emgwaqeni uWeza e-Gqeberha ngesikhathi ehluleka ukwehlisa ijubane lapho obekumele amekhona, wacasula omunye umshayeli.

Kuthiwa kube nokuhilizisana phakathi kwalaba bashayeli ababili.

Okhulumela amaphoyisa esiteshini sase-Mount Road eNelson Mandela Bay uColonel Priscilla Naidu, uthe: “Ngesikhathi lezi zimoto ezimbili zima umshayeli weveni udubule kaningi efasiteleni elivuliwe kwalimala uLawu,” esho.

Amaphoyisa asathungatha umsolwa ongumshayeli weveni i-Nissan NP 200 oye wabaleka ngemuva kokudubula amahlandla angu-12 ebhekise emotweni kaLawu yohlobo lwe-BMW, 50.

Ngemuva nje kwesonto kushone umuntu kabuhlungu emgwaqeni, uMasipala waseNelson Mandela Bay Municipality ngokubambisana ne-Eastern Cape Liqour Board kanye ne-South African Breweries bethule umkhankaso wamaholidi ogxile kakhulu kwezokuphepha emgwaqeni ukuvimbela ubugebengu.

IMeya kaMasipala waseNelson Mandela Bay, uRetief Odendaal uthe lo mkhankaso awuhlosile nje ukunciphisa izingozi ezihlobene notshwala kodwa uhlose nokunciphisa ubungozi bobugebengu emgwaqeni uNelson Mandela Bay.

“Sizoba nezivimbamgwaqo eziningi eNelson Mandela Bay, hhayi nje ukuhlola abashayeli ukuthi baphuzile yini kodwa ukubheka isimo sezimoto jikelele nokuqinisekisa ukuthi isimo sokungahlonishwa komthetho eNelson Mandela Bay siyaphela,” kusho u-Odendaal. .

IPhini loMphathi weMsebenzi eMnyangweni wezokuThutha eNelson Mandela Bay uMonwabisi Eric Tiso, uxwayise abashayeli ngokungalandeli umthetho emigwaqeni ebalula ngokukhethekile isigameko sakamuva lapho okube nothuthuva lomgwaqo oluholele ekutheni kushone umuntu.

“Sinxusa abashayeli ukuthi bengavumeli ukuthi imizwa yabo ibalawule. Sizobe sisemigwaqeni siqinisekisa ukuthi bonke abashayeli bayayithobela imithetho yomgwaqo. Sizobe sikhona ukuze siqinise umthetho ngokwethu,” esho.

I-South African Breweries inikele ngezikhungo ezimbili ezingumahamba nendlwana zokuhlola utshwala kuleli dolobha ezizosetshenziswa ekulweni nezigameko ezihlobene notshwala edolobheni elikhulu.

Esithombeni esingenhla: IMeya kaMasipala waseMandela Bay uRetief Odendaal, iLungu leKomiti leMeya lezokuPhepha nokuVikela uLawrence Troon, omele i-SAB Stakeholder Relations uTinmzi Lubelwana

Umthombo wesithombe: Anita Dangazele

Izihloko zakamuva