Impi yeziphathimandla zezokuphepha ikhubaza amaphoyisa

Lungani Zungu

Umkhakha wamaphoyisa ulwela ukusebenza – hhayi ngenxa yezigebengu, kodwa ngenxa yempi eqhubekayo phakathi kweziphathimandla eziphezulu.

Lona ngumbono we-South African Policing Union (i-Sapu), emele amalungu angaphezu kwayizi-88,000 ezweni lonke.

“Uma bengaqedi ukulwa, umkhakha wethu uzoqhubeka nokuwohloka futhi ngeke sikwazi ukulwa nobugebengu,” kusho uNobhala-Jikelele we-Sapu uTumelo Mogodiseng etshela i-Scrolla.Africa.

Uthe ukuhilizisana kwezikhulu eziphezulu kwehlele ezansi emaphoyiseni.

“Siyaphoqeleka ukuba sithathe uhlangothi. Sesifana nosopolitiki uma siyizisebenzi zikahulumeni,” esho.

Le nyunyana ibhalele uMengameli uCyril Ramaphosa incwadi ngesonto eledlule imnxusa ukuba aqede lo mbango.

I-Scrolla.Africa siyakuqonda ukuthi umhlangano phakathi kukaRamaphosa, uNgqongqoshe wezamaPhoyisa uBheki Cele noKhomishana wamaPhoyisa uGeneral Khehla Sitole usemakhadini, kodwa kusamele kuqinisekiswe izinsuku.

UMogodiseng uthe ukungezwani phakathi kwalaba bobabili kuqale ngesikhathi uSitole enqaba ukubiza uCele “ngo-General,” okuyisiqu uCele asithola ngesikhathi esebenza njengoKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke phakathi kuwezi-2009 nowezi-2011.

Ngokusho kukaMogodiseng, uSitole umile kwelokuthi uzombiza ngongqongqoshe ohloniphekile.

UCele usanda kutshela abezindaba ukuthi unobudlelwano obuhle noSitole.

UMogodiseng uthe akunjalo.

“Ubudlelwano babo bungaphansi kobobungani. Kuthinta amaphoyisa aphansi ngoba abanye bathathe uhlangothi lukaSitole, kanti abanye basekela uCele. Kubhedile,” esho.

Uthe umuntu ongakwazi ukuqeda umbango nguRamaphosa.

Encwadini ebhalelwe uRamaphosa ngesonto eledlule, uMogodiseng uthe: “Mnu. Mengameli, uyacelwa ukuthi ukhulume nabo bonke ababambiqhaza ukuthi bathelelane amanzi, ikakhulukazi ungqongqoshe.”

Uthe uCele kumele atshelwe ukuthi akaseyena uKhomishana kazwelonke wathi kumele kube nozinzo emaphoyiseni, ukuze kube nozinzo ezingeni labaphathi be-SAPS.

Osabambile okhulumela ihhovisi likaMengameli, uMnu. uTyrone Seale, akaziphendulanga izicelo zokuthi baphawule.

Izihloko zakamuva