
Celani Sikhakhane
Sekuphele izinyanga uDkt uZweli Mkhize nendodana yakhe uDedani bengaboni ngaso linye.
Laba bobabili bahlonzwe njenga bahlomule ngethenda yezokuxhumana ka-R150 million eyanikezwa i-Digital Vibes, inkampani yowayengumsizi kaNgqongqoshe wezeMpilo osehlazweni.
Leli hlazo lidale ingxabano emndenini phakathi kukababa nendodana okuthiwa sebenezinyanga bengazwani.
Ukungaboni ngaso likuthiwa bekunzima kangangokuthi bebe ngakhulumisani ngokusho kukasomabhizinisi waseThekwini, uShaun “MaMkhize” Mkhize.
NgoLwesine uMaMkhize ungene ku-Instagram echaza ngomzamo wakhe oholele ekutheni uMkhize noDedani bakhumelane umlotha.
“Njengo sisi omdala ngizibophezele ukuthi ngifike ngizodlala indima yami yokuhlanganisa umndeni ngaphambi komcimbi wangempelasonto. Kwangiphula inhliziyo ukubona ubaba wami engimthandayo uDkt Zweli Mkhize nomfowethu omncane uDedani bengaboni ngaso linye, kodwa namuhla sikunqobile lokho,” kubhala uMaMkhize.
UDkt Mkhize nendodana yakhe basolwa ngokuqola uMnyango wezeMpilo ingxenye yemali ye-Covid-19 besebenzisa inkampani ephethwe ngoNgqongqoshe abasondelene naye. I-Digital Vibes ayizange ithole ithenda ka-R150 million ngendlela efanele kanti kuthiwa u-R20 million ubekelwe umkhankaso kaMkhize wokuba nguMengameli we-ANC ngoZibandlela.
I-Special Investigative Unit (i-SIU) iveze ukuthi abathintekayo bazoboshwa kungekadala nokuthi abanikazi be-Digital Vibes basebenzisana namaphoyisa.
UDedani kuthiwa wathola imoto njengesipho kanti enye imali yaba wuxhaso esitolo sikankosikazi wakhe.
UMaMkhize uthe kumjabulisile ukuthi uDedani enze okufanele ngokuyibuyisela yonke imali okukhulunywa ngayo kwi-SIU, waveza ukuthi ubaba nendodana bebengakhulumi ngenxa yemali okuthiwa uDedani wayithola kwi-Digital Vibes.
UMaMkhize udalule ukuthi laba bobabili sebeyazwana ngemuva kokuthi ebahlanganise.
“Uma sekushiwo konke, umndeni uhamba phambili kanti ipolitiki iza ngemuva. Sihlanganiswe igazi futhi kufanele kube yithina esenza ukuthula noma ngabe kwenzekalani,” esho.
“Kujabulisa inhliziyo yami ukwazi ukuthi konke kuhamba kahle futhi simunye! Ngiyabonga koKhabazela, ngiyakhuleka ukuthi sihlale siyimbumba. Njengoba ngihlezi ngitshela abafana bami, i-Royal AM FC ukuthi masihlangene akukho okuyosihlula.”