Impi yeRussia ne-Ukraine iphazamisa okuningi

Dylan Bettencourt

I-Uefa icabanga ukuyihoxisa inkundla i-St Petersburg njengoba bekuyindawo ebekuzodlalelwa kuyo imidlalo ye-Champions League kowamanqamu kulo nyaka njengoba kushuba isimo phakathi kwe-Russia ne-Ukraine.

Imidlalo yamanqamu yalo mqhudelwano  ibizodlalelwa enkundleni yesibili e-Russia ngomhlaka-28 kuNhlaba, kodwa isinqumo esenziwe nguMengameli wase-Russia uVladimir Putin sokuthumela amasosha ezifundeni ezisempumalanga ye-Ukraine, kwenze i-Uefa yacabanga kaningi  ngokukhetha le ndawo.

UMengameli we-Uefa u-Aleksander Čeferin kanye nezinye izikhulu bahlanganile ukuze baxoxe ngendawo okuzobanjelwa kuyo umdlalo wamanqamu ngoLwesibili, njengoba inkundla ebizwa nge-Wembley ese-London isithathwa njengendawo okungenzeka kube iyona ekhethwayo.

Indawo okuzobanjelwa kuyo imidlalo yamanqamu ye-Champions League ishintshile kumasizini amabili edlule ngenxa yezinkinga ezihlobene ne-Covid-19.

“I-Uefa ihlezi isiqaphe ngeso lokhozi isimo kanti noma isiphi isinqumo sizothathwa ngesikhathi esifanele uma kunesidingo. I-Uefa ayinakho okunye engakuphawula njengamanje,” kusho isigungu esilawulayo esitatimendeni.

I-Russia ehambise amasosha ezindaweni ezimbili eziphethwe amavukela-mbuso e-Ukraine, amazwe amaningana, okuhlanganisa ne-UK, asabise ngokubhekana nalabo abazophula umthetho.

Ekhuluma ngoLwesibili, uNdunankulu wase-UK uBoris Johnson uthe “alikho ithuba lokubamba imiqhudelwano yebhola e-Russia njengoba behlasela amazwe azimele.”

Inkinga ye-Russia ne-Ukraine isisabalele emazingeni omhlaba ebhola njengoba i-Poland iphakamise ukukhathazeka ngemidlalo yayo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ne-Russia, okumele idlalwe ngenyanga ezayo.

Khonamanjalo, i-Polish Football Association izwakalise ukukhathazeka ngokuphepha komdlalo ozayo wezwe ne-Russia, ngaphambi kweNdebe Yomhlaba ngasekupheleni kwalo nyaka.

Inhlangano yebhola likanobhutshuzwayo kazwelonke ikhathazekile “ngokusatshiswa okungaba khona ngesimo esenzeka manje” kanye nomthwalo wokulungiselela abadlali bebhola base-Poland izindawo eziphephile zokuzilungiselela imidlalo yamazwe ngamazwe.”

Isinqumo sokugcina ngendawo okuzobanjelwa kuyo imidlalo yamanqamu e-Champions League sizothathwa ezinsukwini ezizayo.

Umthombo wesithombe: @GlobeEcho

Izihloko zakamuva