Impi yeNehawu noMtolo iya ngokushuba

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Iqhubekela phambili impi yamazwi phakathi kweNational Education, Health and Allied Workers Union (Nehawu) noMnuz Bheki Mtolo onguNobhala we-ANC esifundazweni KwaZulu-Natal.

UMtolo utshele Ukhozi FM ngoMsombuluko ukuthi ngeke axolise ngokusho ukuthi amalungu eNehawu yiwona okumele agxekwe ngokungalungi kumnyango wezasekhaya, izibhedlela, neSouth African Social Security Agency.

UMtolo uphawule ngamaphutha eNehawu ngempelasonto ngesikhathi ekhuluma nezaguga endaweni yangakubo eKokstad.

Usole amalungu eNehawu, ikakhulukazi abahloli babasebenzi, ngokuba nenkohlakalo nokuthatha intshontsho kubalimi abamhlophe, beqamba amanga ngokuthi abasebenzi basemapulazini baphethwe kahle futhi bahole kahle.

Engxoxweni uMtolo umile emazwini akhe wanqaba nokuxolisa.

“Ngesikhathi ngingena emzabalazweni ngafunga ukuthi ngizokhuluma iqiniso noma ngabe kusho ukufa kimina,” usho kanje ebuzwa ukuthi uzoxolisa yini engakapheli amahora angu-48 njengoba iNehawu imnqumele.

Ubephendula iNehawu ethi i-ANC yenzela phansi imigomo yayo ngokubumba uhulumeni wobumbano lwesizwe namaqembu afana ne-DA ne-Freedom Front Plus.

UNobhala weNehawu esifundazweni, uMnuz Ayanda Zulu uthembise ukumphazamisa uMtolo.

UZulu uthe uma uMtolo engaxolisi bazomvimba ukuthi akhulume emibuthanweni yesifundazwe bamlandele yonke indawo ukuze bamphazamise.

“Sizomfuna yonke indawo, esibhakabhakeni, nasemhlabeni, ngisho nangaphansi kwamanzi, ngeke aphumule,” kusho uZulu.

Esithombeni esingenhla: UBheki Mtolo wenqabile ukuxolisa kwiNehawu.

Umthombo: Facebook

Izihloko zakamuva