Impi yekati negundwane eMkhanyakude

Celani Sikhakhane

Ngemuva kokubona ukuthi iqembu lakhe liphelelwa ngamandla kuMasipala wesiFunda uMkhanyakude, ikhansela lendawo livele labhoka ngolaka labe selishaya uzakwabo wesilisa.

Kuthiwa ngoLwesibili olwedlule ikhansela le-ANC, uNkk Zanele Mlambo, ubedinwe egane unwabo ngenxa yokuthi iqembu lakhe lilahlekelwe yizihlalo kulo masipala wabe esekhwela edilika kwikhansela le-IFP, uMnu Mpiyakhe Mhlongo, wamthela ngequpha ebusweni.

UMhlongo uvele wabhoka ngolaka kwadingeka ukuthi abanjwe ukuze angaphindiseli kuMlambo, njengoba umkhandlu waseMkhanyakude uvele wabhekana nezinxushunxushu – futhi hhayi okokuqala.

Ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya nyakenye ngoLwezi, amaphoyisa abizwa ukuzodambisa isimo emkhandlwini ngemuva kokuthi ikhansela le-IFP lilwe noNdunankulu uMnu Sihle Zikalala lamphoqa ukuthi aphume esiteji.

IPhini leMeya yaseMkhanyakude, uMnu Killer Mkhwanazi, uthe ukushaywa kukaMhlongo bekuyisenzo samabomu sokuphazamisa i-IFP ekuthatheni amandla kwi-ANC.

“Sixoxile noMhlongo ukuze angavuleli uMlambo icala. Bekuwumzamo wokusiphazamisa ukuthatha umasipala kodwa sikwazile ukubaphuca amandla,” kusho uMkhwanazi.

I-ANC eMkhanyakude ayikaze iphawule ngezinsolo zokushaya kodwa ithi umhlangano okwenzeke kuwo lesi sigameko ubungekho emthethweni.

UMnu Siphile Mdaka we-ANC uthe usaseyimeya yalesi sifunda. Uthe umhlangano uqhutshwe ngaphandle kwekhoramu yamakhansela angu-17 obekumele avote.

Okhulumela i-Cogta KwaZulu-Natal, uNksz Nonala Ndlovu, uthe basiqaphile isimo ngoba uMkhanyakude usasengaphansi kwabo.

Izihloko zakamuva