Impi yefa phakathi kasaziwayo nowayengumnyeni wakhe

Farida Joyce

Usaziwayo uPabi Moloi usembangweni wezomthetho noyise wengane yakhe othi washada naye ngo-2016.

Okuphakathi kwengxabano yezomthetho umbuzo mayelana nokuba semthethweni komshado wabo kanye nokuhlukaniswa kwefa likaMoloi elibiza izigidi zamarandi, elihlanganisa izindlu eziyisithupha eGoli.

I-Sunday World ibika ukuthi ifa lihlanganisa indlu ese-Broadacres e-Fourways; indlu ese-Noordwyk, e-Midrand; indlu ese-Elton Hill nase-Edenburg e-Sandton; kanye nezindlu ezimbili e-Waverley. Ifa lihlanganisa ne-Jeep Cherokee emhlophe, i-Suzuki empunga, impahla yasendlini, amasheya akhe, ukutshalwa kwezimali kanye nemali ayibekile.

UMoloi uzichithile izinsolo zokuthi bashada umshado othi okwami okwakho futhi uthi akanalungelo lokuthola ingxenye yomcebo wakhe.

Lo saziwayo wakumabonakude usefake amaphepha enkantolo yaseGoli lapho athi yena noRuan Adams onguyise wengane yakhe abakaze bashade.

Emaphepheni asenkantolo, uthe u-Adams ubemlawula ngokweqile futhi enesikhwele  okumdalele ukucindezeleka emoyeni. Uveze nokuthi ubemhlukumeza ngokwezimali futhi emphoxa ngasese nasemphakathini.

Ngokwamaphepha, uMoloi uthe, “ngaphandle kwesizathu esizwakalayo ummangali ungabaza ukuthi ingane izalwa yibona bobabili.

Emaphepheni asenkantolo abonwe i-Sunday World, uMoloi uthe akasenandaba no-Adams futhi sekuphele iminyaka emihlanu bengalwenzi ucansi.

Uthe u-Adams wasebenzisa izinsongo zokuzibulala ngoba ezama ukumlawula nokumhlukumeza. Ngesikhathi behilizisana ngomhlaka-30 kuNhlaba ngo-2016, wathi u-Adams ufuna kubuyiswe ilobolo lakhe lika-R25,000.

“Ummangali uziphathe ngendlela ethinta imizwa, engalawuleki ngesikhathi sobudlelwano phakathi kwabathintekayo, wakhombisa ukuguquguquka okukhulu kwemizwa futhi wafaka ummangalelwa ngaphansi kwengcindezi, kwathi ngokuhamba kwesikhathi kwezinye izimo wakhombisa ubudlova bakhe phambi kwengane,” kusho amaphepha asenkantolo.

U-Adams, othi bashada ngomhlaka-30 kuMbasa ngo-2016, ubhalele uMoloi incwadi emazisa ngokuthi ufuna isehlukaniso.

Uphinde wabhala ukuthi unelungelo lokuthola ingxenye yefa labo elikhulu ngenxa yokuthi umshado wabo wesintu wabhaliswa ngokomthetho njengomshado wokuhlanganyela impahla.

Uphinde wafuna u-R8,500 wesondlo kuMoloi nyanga zonke.

Izihloko zakamuva