Impi yaseSandlwana yaphendula izakhamizi amaphara

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Impi yaseSandlwana eyanqotshwa uZulu ebhekene namaNgisi ngo-1879 yaphendula izakhamizi amaphara njengoba zaseziphila ngenyama yamagundane ngoba zibulawa indlala zicashe ezintabeni zaseNquthu. 

Lokhu kuvezwa umzukulu wesalukazi esasinda kulempi siseyintombazane okwabe kunguNkk Nombhosho kaMakhoba Mavundla okwathi ngemuva kwalempi yena nezinye izakhamizi balahlekelwa amakhaya, baphendulwa izigqila zabamhlophe baphinde badukelana nemindeni yabo unomphela. 

Umakadebona wentatheli uNkk Nomavenda maKhumalo Mathiane ababakhe eNquthu ulandisa konke okwenzeka nangobuhlungu obenzeka emiphakathini nakugogo wakhe eseyintombazane, okuyizigameko azilandisa encwadini yakhe esihloko sithi An Untold Zulu Story: The Eye of the Night.

UMathiane uthi impilo yezakhamizi yaqala ukubamuncu mhla kutheleka amaNgisi ezogxumeka amatende eShiyane.

Ugogo wakhe wayeyindodakazi yeNduna uMqokotshwa Makhoba owayengumkhuzi webutho leSilo uCetshwayo kaMpande elalibizwa ngokuthi Ingobamakhosi. 

Uthi ngemuva kwalokho ngokuxoxelwa ugogo wakhe owayeseyingane ngo-1879, izakhamizi zatshelwa ukuba azibaleke ziyocasha ezintabeni ngoba amaNgisi afuna ukuhlasela Isilo uCetshwayo entabeni yaseSandlwane. 

“UGogo uthi babaleka bashiya amanxuluma emizi nezinkomo nokudla kwabo okwakugcwele izinqolobane ngenxa yokuphila kamnandi. Ngesikhathi impi iqhubeka ukudla kwaphela omama bashona nezingane zabo ngenxa yendlala ngoba babethi bayazincelisa kodwa ubisi lwalungasaphumi kodwa sekuphuma igazi kuphela,” usho kanje.

Uthi ngemuva kwalokho kulowo nyaka imizi yabantu yaphela kwathi lapho ababecashe khona ezintabeni baqala baziphilisa ngamagundane entaba sebedla wona ngoba ukudla kungasekho.

Uqhuba uthi ugogo wakhe nezinye izakhamizi kwathi uma bebuya ekubhaceni bazithola umhlaba wabo usuthathwe abamhlophe sebekhosela kubo babayizigqila zabo, imfuyo nemizi bengasenakho.

“Ngenxa yokuhlukumezeka ugogo weqa kulowo mlungu ababehlala kuye okwabe kunguHolland, wabaleka washiya ngemuva odadewabo nokuze kwafika izinsuku zokugcina emhlabeni ezisola futhi ehlukumezekile emoyeni ngokuthi impi yaseSandlwana yamhlukanisa nezingane zakwabo angazazi nokuthi zona zaphelelaphi. Wabe esebaleka waze wayofika kwaHlabisa wabhaca khona. Wagcina esegana uMavundla. Ngemuva kwalokho waqhubeka nokubaleka waze waphelela e-North West uMavundla eseshonile,” kusho uNkk Mathiane.

Uthi imindeni eminingi eyahlukunyezwa yilempi yahlakazeka phakathi abanye babaleka babheka emazweni ase-Afrika.

Uthi yilokhu okuthe ngeminyaka yabo-1960 uma sekuqala umzabalazo wenkululeko owawuholwa uKhongolose kodwa umama wabo wabavimba ukuthi bangene kuwo ngoba esaba ukuthi nawo uzohlakaza umndeni wakhe njengoba kwenza impi yaseSandlwane kugogo wakhe ukaMakhoba owayezala unina.

Uthi yize bengamaKrestu kodwa ugogo wakhe wayeyinyanya inkolo yobuKrestu ngoba amaNgisi afika ngayo axova imiphakathi, kwakhandeka izimpimpi ezafaka isitha ngayo ukuze kuhlukumezeke uZulu kuphinde kuhlaselwe ubukhosi beSilo uCetshwayo.

UNkk Mathiane uthi ugogo wakhe waveza nokuthi kwathi amanye amaZulu uma esengenwe inkolo yobuKrestu aqala ababukela phansi labo ababehlonipha ubukhosi beSilo uCetshwayo ebabiza ngamabhinca.

Uthi ugogo wakhe uzewashona uma ethandaza noma efunga abize Isilo  uCetshwayo kaMpande ngoba wayengayingeni indaba yokuthi “weJesu” ngoba ecabanga ubuhlungu elafika nabo emphakathini okwaba izimpi nenhlupheko.

Izihloko zakamuva