Impi yamazwi kuMalema noLamola

Lungani Zungu

Sekuqubuke impi yamazwi phakathi kukaJulius Malema noRonald Lamola.

Ngesikhathi laba bobabili bexabana ngeSonto kuvele kwaba ngaphezu kokujwayelekile.

Ngesonto eledlule umholi we-EFF uMalema uthe iqembu lakhe livulekele ukusungula uhulumeni wobumbano ne-ANC kuphela uma iqembu elibusayo liholwa uPaul Mashatile onguMgcinimafa-jikelele we-ANC.

Lokhu kuqubule ulaka lukaNgqongqoshe wezoBulungiswa uLamola, obheke isikhundla sePhini likaMengameli kubuholi bukaMengameli uCyril Ramaphosa uma i-ANC isibamba ingqungquthela yayo yokukhetha ubuholi ngoZibandlela.

UMalema owake wahola uphiko lwentsha lwe-ANC akazange afihle lutho uthe: “Asifuni uCyril Ramaphosa athathe ihlandla lesibili.”

Njengomuntu ongavumi ukuhlulwa, uLamola uye waphendula.

“Ngicabanga ukuthi uFloyd Shavimbu (oyiPhini likaMengameli we-EFF) engakwazi ukuhola i-EFF,” esho ngesikhathi ekhuluma namalungu e-ANC.

Lokhu kuhlaziywe njengemizamo kaLamola yokudala ukungezwani phakathi kukaMalema nesekela lakhe uShivambu.

ULamola uthe uMalema usucabanga ukuthi ungumholi we-EFF ingunaphakade.

“Kumele sikhankasele uFloyd Shivambu.”

Uqhube wathi uMbuyiseni Ndlozi, oyilungu lePhalamende le-EFF “ukulungele ukuba nguNobhala-jikelele we-EFF”.

ULamola ube esekhumbuza uMalema ukuthi wake wabiza uMashatile “ngosomaqhinga” nangokuthi “ungumuntu ongathembekile”.

ULamola uyilungu leKomiti eliPhezulu likaZwelonke le-ANC okuyisigungu esiphezulu kunazo zonke esithatha izinqumo.

Ephendula uLamola ekhasini lakhe laku-Twitter uMalema ubhale wathi: “Ngibeka i-agenda yalezi ziphukuphuku, ikakhulukazi (uLamola) okhuluma sengathi uqumbile.”

Akekho ovuma ukuhlulwa uma uMalema noLamola bexabana.

Cishe eminyakeni eyishumi edlule uMalema owaxoshwa kwi-ANC wabiza uLamola “ngomuntu ongenaqiniso futhi “owamkhaphela”.

Lokhu kungemuva kokuthi uLamola  eseke imiphumela yengqungquthela ye-ANC yase-Mangaung eyaqoka uMnu Jacob Zuma njengoMengameli weqembu ihlandla lesibili.

ULamola uziphindiselele wathi uMalema wahluleka ukuhola uphiko lwentsha lwe-ANC.

UShivambu wangenelela walamula laba baholi ababili.

Kulindeleke ukuthi ingxabano iqhubeke phakathi kwalaba baholi ababili njengoba uMalema esekhethe uhlangothi ngaphambi kwengqungquthela ye-ANC yangoZibandlela.

Njengoba uhulumeni wobumbano engase abe yindlela ngemuva kokhetho lukazwelonke lwango-2024, uMalema ongusomaqhinga uhlola isimo sokuthi yiliphi iqembu elingaphakathi kwi-ANC elingase livume ukusebenzisana ne-EFF.

Izihloko zakamuva