Impi yamazwi kuKabza De Small noStokie

Sizwe Sibiya

NgoLwesine bekushubile ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi inkosi yama-piano uDJ Kabza De Small exabana   nomngani wakhe wakudala uDJ Stokie, odume ngelika-Amapiano Superman.

UKabza De Small ubephatheke kabi ngemuva kokuthi uStokie ekhulume kabi ngaye ngesikhathi enengxoxo kwi-Kaya 959.

NgoLwesibili oledlule uStokie utshele lowo abexoxa naye uDJ Keyez ukuthi inqwaba yabangani bakhe, okuhlanganisa noKabza De Small, bamfulathele ngemuva kokuthola udumo.

“Ngiyazibuza ukuthi ‘ngenzeni kubo?’ ngoba sasijwayele ukuchitha isikhathi ndawonye ngesikhathi sisazabalaza,” kusho uStokie kuKeyez.

UStokie uze waphumela obala ngokuthi ecela usizo.

“Ngisho namanje ngingavuka ngiye kuKabza ngo-3:00 ekuseni, [ngisalele] nentombi yami, mayengathi nje ‘Stokie ngibambeke ndawana thize’ ngizovuka”.

“Kodwa angizitholi zonke lezo zinto,” kusho uStokie, ngemuva kokudalula ukuthi uKabza De Small nguyena owamfaka endimeni yokukhiqiza umculo ngesikhathi esanguDJ kuphela ephusha umculo wama-piano.

UKabza De Small akazange akuthathe kahle  ukuphauwula kukaStokie.

” (Abantu bakubonga ngepuleti lamas**a). Ngenze i-albhamu yakho yokuqala yonke ngaknika izingoma ezishisa izikhotha kodwa leI iyona   indlela obonga ngayo,” kubhala uKabza De Small ku-Twitter, ngemuva kwalokho wasuswa umbhalo.

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva