Impi yamaphoyisa nezakhamizi

Kamogelo Olaitan

Iphoyisa lase-Tanzania libulewe kwalimala abantu abaningi ngoLwesihlanu ngesikhathi kuqubuka impi phakathi kwamaphoyisa nama-Maasai ngesikhathi bexoshwa ngenkani.

Kubikwa ukuthi amaphoyisa afike endaweni yase-Loliondo ezoxosha abantu base-Maasai ukuze kuzovulwa isiqiwu esizosetshenziswa umndeni wasebukhosini base-United Arab Emirates (i-UAE).

Kwabelwanwe ngezithombe namavidiyo abantu abanamanxeba okudutshulwa ezinkundleni zokuxhumana yinhlangano yenqubomgomo i-Oakland Institute kanye nenhlangano esiza abantulayo i-Survival International, esebenzela amalungelo abantu bezizwe kanye nabantu abahlwempu emhlabeni wonke. Bathi amaphoyisa avulele ngenhlamvu adubula izakhamizi.

Izinxushunxushu ziqale ngoLwesithathu mhla ziyisishiyagalombili, ngesikhathi kufika inqwaba yamaphoyisa endaweni okubalwa nesigodi sase-Ololosokwan nesase-Kirtalo, lapho iningi labantu eliphuma esizweni sama-Maasai.

NgoNdasa, uhulumeni wase-Tanzania umemezele izinhlelo zokuxosha imiphakathi yama-Maasai enabantu abangaphezu kuka-80 000 e-Loliondo ukuze kongiwe izilwane zasendle.

Uhulumeni uthe abaxoshiwe bazoyiswa endaweni engamahektha angu-162 000 esifundeni sase-Handeni, okuyibanga elingamakhilomitha angaphezu kuka-700 ukusa lapho laba bantu abahlala khona e-Loliondo.

UFiore Longo, umholi womkhankaso wokongiwa kwemvelo, usole uhulumeni ngokuzama ukwenza indlela yokuthandwa kanye Mokena ezokuvakasha.

I-Oakland Institute ithi inkampani i-UAE-based Otterlo, eqhuba umsebenzi wokuzingela womndeni wasebukhosini kanye nezivakashi zawo, izolawula ukuzingela kanye nezentengiso endaweni.

Umhlaba okukhulunywa ngawo ungamakhilomitha- angu-1,500 ngaphakathi kwe-Serengeti.

“Ama-Maasai adutshulelwa ukuthi afuna ukuhlala ezindaweni zokhokho bawo ngokuthula ukuze kuvuleleke ithuba lokuzingela nokongiwa kwezilwane,” kusho uLongo.

Utshele iphephandaba lase-Kenya i-DTE ukuthi ama-Maasai, abhekene nodlame namuhla, nawo axoshwa e-Serengeti National Park edume umhlaba wonke ngo-1959 ngamakoloni ase-Brithani.

“Okwenzeka namuhla kuhambisana nesikhathi sobukoloni. Lolu dlame esilubona e-Tanzania luyiqiniso lokongiwa kwemvelo e-Afrika nase-Asia: ukwephulwa kwamalungelo abantu bomdabu kwansuku zonke kanye nemiphakathi yasendaweni ukuze ‘abacebile’ bakwazi ukuzingela futhi benze ama-safari ngokuthula,” enezela.

Nyakenye, uMengameli wase-Tanzania, uSamia Suluhu Hassan, wathi uhlelo lokuxoshwa kwabantu ludalwa ukuthi abantu baningi kakhulu endaweni yezilwane zasendle.

Izihloko zakamuva