Impi yabafundi ihlukumeza othisha

Celani Sikhakhane

Abafundi abaningi bebanga lesishiyagalolunye nabenza umatikuletsheni bafika esikoleni bephethe imimmese nezinduku bezilungiselela noma iyiphi ingxabano engasuka.

Lokhu sekudale ukwethuka nokwesaba kothisha nabafundi basesikoleni samabanga aphezulu iSihlahlasenkosi KwaNongoma enyakatho neKwaZulu-Natal okushiye abasebenzi besikole befuna ukushintshelwa kwezinye izikole.

Kubikwa ukuthi impi iqale nyakenye ngesikhathi abafundi besilisa besolana bodwa ngokuthathelana izintombi.

Izimpi zibe zimbi ngendlela yokuthi uMnyango wezeMfundo e-KZN udinga ukuthi kungenelele uMnyango wezokuPhepha koMphakathi.

Abanye othisha sebesaba ngisho nokuya esikoleni ngenxa yodlame lwabafundi.

Omunye uthisha utshele i-Scrolla.Africa ukuthi usefune ukushintshelwa kwesinye isikole ngoba akakwazi ukumelana nodlame.

“Mina ngingowaseThekwini kodwa ngikuthokozela kakhulu ukusebenza ezindaweni zasemakhaya futhi siholelwa kahle, kodwa impi yasesikoleni iyasabisa. 

Lezi zingane zilwa sengathi zifuna ukubulalana nyakenye kudingeke ngiyeke ukufundisa ngoba bekuyingozi,” kusho uthisha. 

UMnu uPhohloza Zungu wenhlangano i-Sinothando Youth Foundation kule ndawo uthe isimo siya ngokuba sibi badinga amaphoyisa azoqapha esikoleni. NgoLwesine le nhlangango ivakashele esikoleni iyozama ukulwa nalesi simo. 

Abazali bakhiphe izingane zabo esikoleni ngenxa yokwesaba. Impi isuka uma kubangwa izintombi futhi isize yakapakela nasemiphakathini,” kusho uZungu.

UZungu uthe ukulwa kuholele ekutheni abantu abadala abangafundi bangena esikoleni  bejoyina impi yabafundi.

I-Scrolla.Afrika siyaqonda ukuthi iningi lothisha lithuthele edolobheni laKwaNongoma ukuze liphephe ngenxa yokuthi izindawo abahlala kuzo zihlaselwe ebusuku.

“Akusesona isikole lesi, kodwa sekuyindawo yempi,” kusho uthisha.

“Abanye abazali baze baphelezele izingane zabo uma ziya esikoleni bahlale bazilinde usuku lonke ukuze baqiniseke ukuthi ziphephile. Ngiyethemba ukuthi uMnyango uzosebenza kulokhu ngoba kunzima nothisha bethukile.”

UMuzi Mahlambi woMnyango wezeMfundo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bakhuluma noMnyango wezokuPhepha koMphakathi.

“Siyaxoxisana nabaholi bendabuko namalungu omphakathi ukuzama ukuthola isisombululo,” kusho uMahlambi.

“Sizithola senza into engaphandle kwegunya lethu futhi sikhuluma nezinhlaka ezahlukene ukwenza isiqiniseko sokuthi ukulwa kwabafundi kuyaphela.”

Scrolla World Cup Quiz