Sizwe Sibiya
Eminyakeni eyishumi yokuqala yekhulu lama-21, uKanye West ubehamba phambili emculweni we-rap, ephula amarekhodi kumashadi futhi wawina ama-Grammys akhe ayi-14 kwangama-21. Kodwa umrepha wase-Canada uDrake ukhethe unyaka wezi-2021 njengonyaka wokubeka uYe endaweni yakhe.
UWest ubegcine amabutho akhe abalandeli bemincile kuleli hlobo, ngemuva kokuhlela iphrojekthi yakhe yakamuva i-Donda ukuthi ayikhiphe ngoNtulikazi, kodwa i-albhamu iphume ngomhla zingama-29 kuNcwaba.
Ezinsukwini ezinhlanu kamuva, ngomhla zintathu kuMandulo, ngemuva kokuba uWest akhiphe i-albhamu yakhe uDrake naye wakhipha i-albhamu yakhe yesithupha, i-Certified Lover Boy,ehambe phambili ngokulalewa yadlula i-Donda kungakapheli izinsuku ezintathu ikhishiwe, ngokusho kwe-Alpha Data.
Mhla zinhlanu kuMandulo, i-Certified Lover Boy isakazwe izikhathi ezingaphezu kwezigidi ezingama-430, kanti i-Donda isalele emuva ngezigidi ezingama-423.
Lokhu akukhona okokuqala ukuthi uWest akhishwe kwezohwebo yimbangi encane. Ngowezi-2013, lapho ukuthengisa kwakusaqhutshwa ngama-CD, umrepha waseMelika uJ. Cole wahlula uKanye nge-albhamu yakhe yesibili, i-Born Sinner, eyathengisa amakhophi amaningi kune-albhamu kaKanye i-Yeezus ngesonto lokuqala.
UJ. Cole wabeka isithunzi sakhe emgqeni ngokubikezela lokhu ngengoma eyodwa, eyakhishwa ngaphambi kwe-albhamu.
Ku-“Forbidden Fruit” enoKendrick Lemar, uCole urepha athi, “Ngizokhipha i-albhamu ngosuku olufanayo noKanye ukukhombisa abafana ukuthi ubani indoda manje”.
Irekhodi elikhulu eliphulwe nguWest kulo nyaka wezi-2021 ukuhlehliswa kokukhishwa kwe-albhamu. Lokho kusho ukuthi, i-albhamu bekungeyeshumi yomrepha odumile ngokuba kunombolo yokuqala ku-Billboard 200, okuyimpumelelo enhle kakhulu.
Umthombo wevidiyo: i-YouTube