Impi kaMsholozi ne-ANC isekude ukuphela – Yengeni

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki

Impi phakathi kowayengumengameli we-ANC oxoshiwe uJacob Zuma kanye “ne-ANC kaRamaphosa” isekude ukuphela.

Lokhu kushiwo umakadebona we-ANC, uMnuz Tony Yengeni, obemele uZuma esigcawini sokuqondiswa kwezigwegwe esigcine ngokuthi uZuma axoshwe eqenjini.

UZuma kutholakale ukuthi wephule umthethosisekelo we-ANC ngokusungula uMkhonto weSizwe nokuwukhankasela ngokumelene ne-ANC.

UYengeni uthe uZuma usacwaninga isinqumo seqembu nabameli bakhe futhi uzimisele ukulwa kuze kube sekugcineni.

Kumanje ithimba likaZuma lisola i-ANC ngokuqamba amanga ngesikhathi ithi kube nenguyazana eyandulela ukuqulwa kwecala nomele uZuma.

UYengeni uthe nguyena owacela ingqungquthela eyandulela ukuqulwa kwecala kodwa yangenzeka.

Utshele i-SABC ukuthi ngesikhathi kuqhubeka lolu hlelo, wathola inqwaba yemiyalezo emsabisayo evela kuNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula.

“Kunomyalezo kaMbalula engawuthola ngoMgqibelo kusihlwa, ngizihlalele ekhaya. Lo myalezo ubuthi ‘wenzani?’

“Lokhu kungemuva kokuthi ngivele [phambi kwekomiti lokuqondisa izigwegwe] ngoLwesithathu.  Umyalezo ubuthi ‘Ucabanga ukuthi ungubani wena.  Ufuna ukucekela phansi i-ANC?’

“Ngaphansi kwezimo ezijwayelekile bengizophendula kulowo myalezo ngoba angethuki kalula,” kusho uYengeni.

NgokukaYengeni, uZuma akazange alalelwe ngendlela efanele.

Ikomidi le-ANC eliqondisa izigwegwe linikeze uMsholozi izinsuku ezingu-21 ukuthi adlulisele lolu daba ekomitini lokudlulisa amacala.

Esithombeni ngenhla: UFikile Mbalula usolwa ngokusabisa omele uZuma.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva