Impi iyaqhubeka ebandleni lakwaShembe

Lungani Zungu noLinda Ximba

Akupheli ukuhilizisana ebandleni lama-Nazareth Baptist Church elaziwa ngoShembe, nangemuva kokuba inkantolo yomthethosisekelo isiqede le mpi yobuholi esithathe iminyaka eyishumi.

Inkantolo ephakeme yanquma ukuthi umufi uVela Shembe wayengumholi ofanele.

Lesi sinqumo manje sibeka uPhinda Shembe, owaphakanyiswa nguVela encwadini yakhe yefa ngenkathi eshona ngowezi-2017, njengomholi ofanele wamalungu esonto angaphezu kwezigidi ezinhlanu.

Yize kukhishwe lesi sinqumo kodwa uhlangothi lwaseBuhleni oluholwa nguMduduzi Shembe luye lwasichitha lesi sinqumo.

Kodwa manje basengozini yokukhishwa endlini yesonto kanokusho eseNanda.

Lokhu kuvele izolo ngesikhathi kunesithangami sabezindaba ebesibizwe ngokuxhamazela lapho iqembu eliwinile laseThembezinhle (Vela) licacise khona indlela eya phambili.

UNobhala uChancy Sibisi uthe labo abamelene nalolu shintsho bazobhekana nemiphumela.

“Umholi osemthethweni unecebo lokubhekana nezinqumo zonke nezinhlobo zezithiyo namasu angcolile. Kodwa ukubeke kwacaca ukuthi kumele sihlangane sibe munye ngokomzamo kaMqaliwendlela wokuhlanganisa wonke amaNazaretha njengetshe likasimende.”

Kodwa uThokozane Mncwabe weqembu elihlulwayo eBuhleni uphikelela ekutheni uMduduzi uzoqhubeka nokuba ngumholi webandla.

“Ngeke sivumele izinkantolo ukuthi ziphathe isonto lethu. Ibandla lakwaShembe alinakubuswa yizinkantolo.”

Okhulumela ibandla uNkululeko Mthethwa uphume evutha, wathi bazoqapha ngeso lokhozi inhlangano yo-Nyazi Lwezulu kulandela isinqumo esamkhipha esihlalweni.

“Uma kwenzeka eqhubeka nokuziphatha njengomholi, kuzobhekwana naye ngoba ngokomthetho, manje useyilungu elijwayelekile lebandla.

“Ngeke sibaphoqe labo abasakholelwa ekutheni ungumholi ofanele. Okubalulekile kithina wukuhlala phansi sixazulule ukungezwani.”

Umbango wamandla waqala ngesikhathi uVimbeni eshona ngowezi-2011.

UMduduzi wohlangothi lwaseBuhleni uthi ubaba wakhe wayemqoke ngomlomo ukuthi ahole ibandla.

Kodwa uVela wasohlangothini lwaseThembezinhle ukuphonsele inselelo lokhu futhi ekugcineni wakufakazela ukuthi uVimbeni empeleni wayemphakamisile encwadini yakhe yefa.

Uhlangothi lukaMduduzi lwabe seluthula uchungechunge lwezikhalazo, lwaze lwaya eNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamacala e-Bloemfontein.

Ngesikhathi behlulwa, baqala umzamo wokugcina wokuya enkantolo yomthethosisekelo nakhona abafike bahluleka.

Isonto belihlukaniswe ngamaqembu amaningi kusukela ngowezi-1976, kodwa eBuhleni naseThembezinhle kwavela amaqembu amabili amakhulu aphikisana nobuholi bebandla.

Scrolla World Cup Quiz