Impi engapheli yeBhakaniya noSuthu iseSoweto

Lubhalwe nguMichael Madyira

I-Orlando Pirates izobe izimisele ifuna ukuhlala endaweni yesibili phezulu kuPSL uma isidlala naMaZulu enkundleni e-Orlando ngoMgqibelo.

Njengamanje amaBhakabhaka ahlezi endaweni yesithathu emva kweStellenbosch asiwashiya ngamaphuzu amathathu.

IBhakabhaka noSuthu bazotholana phezulu ngempelasonto futhi kulandelana emva komdlalo wabo wamakota fayineli eNdebe yeNedbank eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo odlule.

IPirates inqobe ngamagoli amane kwamabili emdlalweni ophele ngengxabano nonompempe njengoba umqeqeshi wamaBhakabhaka uJose Riveiro ebebhekene noPablo Franco Martin.

UMartin usale ethukuthele egane unwabu, ezizwa egetshengiwe ngabaphathi bomdlalo ngesikhathi uRiviero ejabulile kanti lomqeqeshi odabuka e-Spain uzobhekana noRiviero futhi eSoweto.

Lezi zinkunzi zaseSoweto sezidlale imidlalo engu-20 zingahlulwa kuyo yonke imiqhudelwano kanti Usuthu lagcina ukuhlula iPirates ngoNcwaba ka-2013.

“Ngenxa yalelo rekhodi, AmaZulu azobe ekulungele ukuziphindiselela kuPirates. kusho owayengumdlali wasemuva weBafana Bafana uMatthew Booth kwiSuperSport Trends and Tactics.

IPirates yamukela abadlali basemuva uNkosinathi Sibisi noTapelo Xoki abebemisiwe futhi kungenzeka bangene kubadlali basemuva.

Ukaputeni u-Innocent Maela noThabiso Sesane bebengabadlali basemuva phakathi ngempelasonto edlule njengoba omunye umdlali wasemuva u-Olisa Ndah naye ubelimele.

UBooth uhlabeke umxhwele ngoSesane futhi uthi makakhethwe ngaphambi kukaXoki noMaela.

“Bengizombuyisa uSibisi azodlala noSesane,” kusho yena.

UBooth uthe uSesane wasebenzisa kahle ama-tackles akhe.

“Ngicabanga ukuthi uzoyigcina indawo yakhe,” kusho uBooth.

“Ngiyamzwela uMaela. Akazange alubeke kabi unyawo. Kodwa ngicabanga ukuthi uSibisi noSesane bangadlala kahle emuva.”

Ngesikhathi iPirates ishaya amagoli amane ku-Usuthu ngempelasonto edlule, uTshegofatso Mabasa ubekhumbuleka ekukoreni amagoli ngemuva kokuya kokushaya amagoli amathathu bebhekene neGolden Arrows.

“Phambili uMabasa uhlukumeze uRamahlwe Mphahlele noTaariq Fielies. Laba badlali basemuva ababili kuningi okumele bakwenze,” kusho uBooth.

AmaZulu anomdlali wasesiswini u-Ethan Brooks obuyayo okade emisiwe.

Isithombe esingenhla: Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uMiguel Timm ehlula uBen Motshwari waMaZulu ngokuthola ibhola.

Umthombo wesithombe: Orlando Pirates

Izihloko zakamuva