Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Abadayisi bezidakamizwa, amaqembu ezigebengu, ozamazama, abaduni bezakhiwo, abashushumbisa abantu, amasela amakhebuli, nezinye izinhlangano eziningi ziye zakhubaza idolobha laseGoli futhi zaba usongo kwezomnotho nasesikhungweni sezomnotho esicebe kakhulu e-Afrika.
UMnuz David Tembe, owayeyilungu lekomidi lemeya (MMC) lezokuphepha komphakathi edolobheni laseGoli, uthe kuzodinga uhulumeni oqinile ukubhekana nalezi zinhlaka.
Ukholelwa ukuthi uhulumeni akufanele ahlale futhi axoxisane nezinhlangano zezigebengu.
Uthe kuzodinga umbutho wamasosha, amaphoyisa, izinkampani zonogada namalungu omphakathi ukuthi balwe nozamazama ukuze baxoshwe.
Uthe okwamanje, uhulumeni akakwazi ukulwa nabavukuzi abangekho emthethweni abahlome kakhulu futhi besekelwa abaphathi bezinhlangano zezigebengu.
“Ngeke ulindele ukuthi iphoyisa eliphethe isibhamu libhekane nabavukuzi abangekho emthethweni abahlome ngezikhali ezifana nama-AK47,” usho kanje.
“Amaphoyisa ethu adinga uphiko olukhethekile oluzobhekana noma lulwe nozamazama. Kuphenduka impi enkulu uma amaphoyisa ezama ukubavimba ngoba abavukuzi balwa kanzima njengoba besuke behlomile.”
Uthe izikhungo zomthetho kumele zitshale imali enkulu ekuqeqesheni ngobuchwepheshe besimanje obufana nama-drones, amakhamera omzimba, ama-dashcam kanye nokuziphatha kwamaphoyisa.
“Amaphoyisa kumele asebenzisane kakhulu nomphakathi ozowusiza ukulwa nozamazama,” usho kanje.
UTembe uthe abaphethe lezi zigebengu bahlomula kakhulu ngale misebenzi engekho emthethweni.
“Bheka amadoda amba igolide. Abakwazi ukuthenga izinto zokusebenza abazisebenzisayo ukukhuculula uthuli lwegolide. Ubani obanikeza yonke imishini? Ubani othenga kubo? Ucabanga ukuthi kuzoba lula ukususa abavukuzi kuleyo migodi engasasebenzi?” ebuza.
“Njengazo zonke ezinye izinto ezingekho emthethweni ezweni lakithi, izimayini ezingekho emthethweni ziyimboni edidiyelwe kahle, ehlanganisa abantu abasezingeni eliphezulu abanemali.
Bazozilwela nganoma iyiphi indlela edingekayo futhi bamelane nanoma yimuphi umzamo wokubasusa.
Kuzothatha isikhathi eside ukubanqanda.”
Uthe amaphoyisa kumele aqine futhi ahlakaniphe uma uhulumeni efuna ukubhekana nalezi zigebengu.
“Ozamazama abanqeni ukuvulela ngenhlamvu emaphoyiseni uma befuna. Ngakho amaphoyisa kumele nawo ahlasele ukuze azivikele” usho kanje.
Ukubikezela kwamaphoyisa ngesigameko esithile kuyindlela entsha yokulwa nobugebengu – bavimba ubugebengu ngaphambi kokuba kwenzeke.
Uthe uhulumeni kumele alethe amasosha ukuze enze isimo sijwayeleke bese amaphoyisa eqhubeka nohlelo.
Osesithombeni esingenhla: UDavid Tembe