Impelasonto yezemidlalo elindelwe ngabomvu 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

IManchester United ebhekwe ngabomvu izobhekana ne-Liverpool emdlalweni we-Premier League ngempelasonto.

I-Manchester United iya kulo mdlalo hhayi nje kuphela njengabawine i-Carabao Cup kodwa iya iyiqembu elingakaze lihlulwe emidlalweni engu-11.

Umqeqeshi u-Erik ten Hag ubukeka ewaphethe kahle wonke amagiya e-Old Trafford njengoba iqembu lihlezi endaweni yesithathu kwiligi.

Ngesikhathi i-Liverpool ibonakala sengathi iphinde yathola ifomu yayo sekwephuzile, leli qembu lisahlezi endaweni yesithupha futhi linethuba lokwehla uma lingahlulwa ngeSonto.

La maqembu abelane ngomlando onothile mayelana nombango wawo njengoba womabili eqhwakele phezulu ezindebeni ze-League.

Kulokhu umzuliswano udweba isithombe esihluke ngokuphelele kumasizini adlule, kanti i-Manchester iyizintandokazi zokuwathola womathathu amaphuzu.

Umdlalo wangempelasonto uzoqala ngo-6.30 ngeSonto kusihlwa, kanti uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 203.

Isikhathi se-derby kanti kulokhu izobe iseKapa. AmaStormers azobhekana namaSharks komunye wemidlalo engase ibe nanoma yimuphi umphumela ngo-2.30 ntambama ngoMgqibelo.

Ngale kokuthi abalandeli bamaSharks bakhuluma kakhulu, kungamangaza uma bengashaya iqembu likaJohn Dobson enkundleni yezemidlalo i-Cape Town okunethemba lokuthi izobe igcwele phama abalandeli bamaStormers. Ingabe amaLions engawahlula amaBulls e-Loftus ngo-4.45 ntambama ngoMgqibelo? Cishe ngeke.

Kodwa ngemuva komdlalo omuhle wamaLions ngesonto eledlule, izwe libheke ukuthi amaLions enze ezibukwayo e-Loftus.

Lo mdlalo uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 201 no-211.

Inkulumo ekhempini yeBlitzboks ibimayelana nokulungiselela iqembu umqhudelwano we-Vancouver Sevens ngemuva kokudlala ngeledlule e-Los Angeles.

Nakuba ukuwina umqhudelwano maduze kuba yiphupho elikude, ukuhlungela ukuya kuma-Olympics sekubhekwa njengento ebalulekile. AmaBlitzboks kumele alithathe leli golide!

Imidlalo ye-Vancouver izodlalwa kuleli ubusuku bonke, kanti iBlitzboks izodlala umdlalo wawo wokuqala ngo-10.14 ebusuku. Amazinga okushisa azophakama ngo-6°C.

Lo mdlalo uzokhonjiswa  bukhoma esiteshini se-DStv 201 no-211.

I-Formula 1 izobuya kule mpelasonto ngesizini ka-2023 e-Bahrain Grand Prix.

Ngemuva kwesizini yokuwina kaMax Verstappen nyakenye, lo mshayeli waseDashi uzobe ekhona ezolwela ukuwina kathathu kulandelana.

Kuzodwetshwa imigqa futhi izimanga zizokwenzeka uma izibani zicisha ngehora lesihlanu ntambama ngeSonto.

Umjaho wokuqala kule sizini uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 215.

Esithombeni esingenhla: I-Manchester United

Umthombo wesithombe: Manchester United

Izihloko zakamuva