Celani Sikhakhane
Isiphendule ihlaya iMeya ye-Da eMngeni Chris Pappas isenzo esiyingozi selungu le-ANC sokujika kuthelawayeka kuN3 eHowick laphambana nezinye izimoto okucishe kwabeka impilo yalo engcupheni.
Imoto yohlobo lwe-Ford Ranger yesifunda saseMoses Mabhida eMgungundlovu – ebonakala ngemibala yayo ye-ANC – izamile ukuhlehla ngokungemthetho ku-N3 e-Howick.
Ngokuhamba kwesikhathi iMeya uChristopher Pappas uye wathumela ividiyo yemoto ehlehlayo ekhasini lakhe ku-Twitter.
Uphinde wabhala umyalezo ohamba nevidiyo othi: “Siyayamukela i-ANC eMngeni njengoba kuyizwe elikhululekile ukuthi wonke umuntu abambe iqhaza kuzo zonke izinhlangano zezombusazwe. Kodwa-ke siyabacela ukuthi bahloniphe imithetho yomgwaqo bayeke ukuhlehla… kuthelawayeka.”
Bekucacile ukuthi umshayeli uphuthwe umgwaqo wokujika ukuya emcimbini weqembu wesifundazwe obungomhlaka-8 kuMasingana bebungaza usuku okwasungulwa ngalo i-ANC.
Ngeshwa, ibingekho enye indlela yokufika emcimbini uma ehamba ngothelawayeka. Umshayeli wemoto bekumele ahlehle nje kancane esebenzisa ulayini ophuzi.
Abantu bayiphendule ihlaya indaba yomshayeli obebudedengu.
Omunye uncokole ku-Twitter wathi “empeleni [i-ANC] inekhono eliphezulu lokuhlehla. Yakwazi ukuhlehlisa izwe yalibuyisela emuva esikhathini sabo seminyaka engu-28 bephethe izwe. Konke egameni lenqubekelaphambili”.
“I-ANC ibilokhu ibuyisela iNingizimu Afrika emuva eminyakeni embalwa edlule,” kubhala omunye ku-Twitter.
IMeya uPappas ungumuntu wokugcina i-ANC ebingathanda ukumbona, ngemuva kokuchitha isonto eledlule exabana noNgqongqoshe we-ANC uJomo Sibiya ngodaba lokukhishwa kosizo kwabathintwe izokhikhula eMngeni.
USibiya ubesolwa ngokuzama ukwenza uMngeni indawo okungamele ihanjelwe ngabanye osopolitiki kodwa ihanjelwe nguye kuphela.