Imoto kaNgqongqoshe wamaphoyisa ibandakanyeke engozini

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

  • Ingozi yezimoto zoNgqongqoshe ku-N12 ilimaze uNgqongqoshe wamaPhoyisa nePhini lakhe kanti uthole ukwelashwa wase ekhishwa esibhedlela.
  • Ingozi yenzeke besendleleni ebheke emayini engekho emthethweni e-Stilfontein, kwiVala Umgodi, lapho abakwa-SAPS abavale khona imigodi yezimayini ukuze bevimbele abavukuzi ukuthi bangangeni noma balethelwe ukudla, amanzi nezinye izinto ezibalulekile.

Izimoto zoNgqongqoshe ebeziphuthuma emayini yabavukuzi abangekho emthethweni e-Stillfontein zishayisane, kwaholele ekutheni uNgqongqoshe nePhini lakhe bathole imihuzuko emincane.

Izimoto beziphelezela uNgqongqoshe wamaPhoyisa nelinye lamaPhini akhe amabili, ngesikhathi bebandakanyeka engozini ngoLwesihlanu ekuseni.

I-Scrolla.Africa sithole ngemithombo ethembekile ukuthi iPhini likaNgqongqoshe uPolly Boshielo uphuthunyiswe eMedi-Clinic Potchefstroom, lapho alashwe khona waphinde wadedelwa, kanti uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu yena ulimale kancane esihlakaleni sangakwesokunxele.

Isigameko senzeke ku-N12 e-Westonaria, ngase-Potchefstroom e-West Rand District.

Kusolwa ukuthi i-Toyota Corolla engaziwa iphazamise izimoto ezimbili ezimnyama zohlobo lwe-BMW X5 ebezishayelwa onogada bakaNgqongqoshe.

Kuthiwa i-Corolla ingene emzileni osheshayo. Ngesikhathi bezama ukuvika i-Corolla, izimoto ezimbili zonogada ziye zashayisana. Bobabili abashayeli bezimoto zombuso abalimalanga ngesikhathi sesigameko.

I-Corolla ayizange ime. Enye yezimoto ezimbili zombuso idonselwe e-Soweto, e-Diepkloof Local Criminal Record Centre (LCRC).

NgoLwesihlanu ekuseni, uNgqongqoshe, iPhini lakhe, kanye nezikhulu eziphezulu zakwa-SAPS bebezulazula endaweni bebheka emigodini yezimayini engasasebenzi yase-Stilfontein.

Ethula umbiko ngoLwesihlanu, okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uveze ukuthi izikhulu zamaphoyisa zijutshwe ukuthola izindawo ezisetshenziswa abavukuzi abangekho emthethweni.

“Yilokhu esikushoyo uma sithi sivimbe izindawo zokuphuma nokungena kulezi zimayini ezingasasebenzi,” usho kanje.

“Leli qhinga liyasetshenziswa ukuze kuqinisekwe ukuthi abavukuzi abangekho emthethweni bayaphuma emgodini futhi abanye abangeni kule migodi noma babanike ukudla, amanzi kanye nezinye izidingo,” engeza.

UBrigadier Mathe uthe abakwa-SAPS benze imizamo eminingi ukuxhumana nabavukuzi abangekho emthethweni futhi bathumele nezaziso ezibakhuthaza ukuthi baphume emgodini.

Uphinde waqinisekisa ukuthi uNgqongqoshe nePhini lakhe bebese-North West, lapho abaxoxisane khona nezinhlaka ezithintekayo endaweni.

Amakhulu abavukuzi abangekho emthethweni kukholakala ukuthi basesengaphansi komhlaba, kanti izikhulu zamaphoyisa nabathintekayo bendawo bayasebenzisana ukuze babakhiphe.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu kanye nezikhulu eziphezulu zamaphoyisa e-Stilfontein, esifundazweni sase-North West ngoLwesihlanu.

Umthombo wesithombe: SAPS / X

Izihloko zakamuva