Lubhalwe nguRazeen Gutta
Emdlalweni wangeSonto weNdebe yoMhlaba Yabesifazane ye-FIFA i-Morocco ne-Colombia bagile izimanga ngokunqoba ku-Group H kwathi abasingathi bomqhudelwano i-New Zealand baphuma kulo mqhudelwano.
Ngemuva kokuba izwe lokuqala lama-Arab ukungena kulo mqhudelwano, i-Morocco iqale usuku ngokunqoba ngo 1-0 ihlula i-Korea Republic.
U-Ibtissam Jraidi ushaye igoli ukwenza iqembu lase-Afrika lihole ngamaphuzu okokuqala ngqa kwiNdebe Yomhlaba Yabesifazane.
Lona akuwona kuphela umlando abebezowenza njengoba umdlali wasemuva uNouhaila Benzina engumdlali wokuqala emlandweni walo mqhudelwano ukugqoka i-hijab ngesikhathi somqhudelwano.
I-Morocco ihlulwe emdlalweni wayo wokuqala ngo 6-0 idlala ne-Germany nayo ehlulwe ngo 2-1 ishaywa i-Colombia ngemuva kwegoli likaManuela Vanegas alishaye ngesikhathi esengeziwe.
I-Colombia ne-Morocco bazongqubuzana ngoLwesine kanti i-Germany izobhekana ne-Korea Republic emdlalweni okumele bazimisele kuwo kakhulu.
U-Group A uphothulwe ngeSonto njengoba i-Switzerland ne-Norway bezibekisele indawo emzuliswaneni olandelayo.
I-Norway ishaye i-Philippines ngo 6-0 kwathi i-Switzerland yadlala ngokulingana ne-New Zealand.
Lo mqhudelwano uyaqhubeka ngoMsombuluko lapho kuzobe kudlalwa i-Zambia, i-Japan, i-Nigeria ne-Australia.
Esithombeni esingenhla: UNouhaila Benzina wase-Morocco
Umthombo wesithombe: @jacobsben