IMK isilaxaze abangu-18 abangena ngephutha ohlwini lwayo lwasePhalamende

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Iqembu loMkhonto weSizwe (MK) selishintshe uhlu lwalo lwamalungu alimele ePhalamende njengoba likhala ngokuthi uhlu lwalo lwakuqala lucekelwe phansi futhi lunamagama abantu abangafanelekile ukulimela.

Ushintsho lohlu oluthinta amalungu ePhalamende angu-18 luqukethwe encwadini ebhalelwe uSomlomo wePhalamende, uThoko Didiza, eputshuzelwe kwabezindaba.

Okhulumela iqembu iMK uNhlamulo Ndhlela uthe iningi lamalungu abawashintshayo ePhalamende bekungamele abe khona kwasekuqaleni, ngoba abanye bebengasewona amalungu eqembu kanti amanye ayizihlobo nabangani babathile.  

“Uhlu lwethu lwabangenele ukhetho olwathunyelwa kwa-IEC (I-Independent Electoral Commission), empeleni lacekelwa phansi. 

“Sivule icala esiteshini samaphoyisa e-Sandton lapho sabala khona amagama athile afakwe ngokungafanele, elinye lalawo magama ngelikaMengameli (Jacob) Zuma.

“Isu lethu bekungukuthi singamfaki ohlwini lweqembu kwasekuqaleni,” kusho uNdhlela. 

Phakathi kwabantu abaqavile iqembu elihlose ukuthi bangene ezikhundleni zalo ePhalamende nguThulani Gamede waseThekwini, othembeke kakhulu kulowo owayengumengameli wezwe uZuma ongumholi weMK. 

UGamede usebenze noZuma ukuvuselela i-South African National Civics Organisation KwaZulu-Natal waqokwa ukuthi ayihole njengoSihlalo wesifundazwe ngaphambi kokukhankasela iMK.

NgoNhlangulana kulo nyaka uGamede ubesohlwini lwamalungu abezongena ezikhundleni esiShayamthetho KwaZulu-Natal, kodwa igama lakhe lahoxiswa, wangabe esafungiswa. 

Nakuba amanye amalungu eMK afana noMnuz Nhlanhla Ngidi asula kwezombusazwe ngemuva kwezinxushunxushu ngoNhlangulana ngesikhathi amagama awo engaveli ohlwini lwesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uGamede waphimisela ukuthi uyohlala ethembekile kuZuma.  

Ohlwini lwamalungu amasha ePhalamende kukhona uZibuse Cele, owayeyilungu leMK owaqoqa amanye amalungu e-ANC ukuba agade umuzi kaZuma oseNkandla ngoNhlangulana 2021, ngesikhathi lowo owayengumengameli ezogwetshwa kulandela ukudelela kwakhe isinqumo senkantolo. 

Elinye ilungu lePhalamende elisha nguName Serame – owayengumholi we-ANC owaba ngomunye wabokuqala ukujoyina iqembu leMK ngonyaka odlule nowake wanxenxa amalungu amagatsha e-ANC eThekwini ukuthi avotele iMK okhethweni lwangoNhlaba. 

Esithombeni ngenhla: UJacob Zuma bekungafanele abe sohlwini, ngokusho kokhulumela iMK uNhlamulo Ndlela.

Umthombo: flickr.com

Izihloko zakamuva