Lubhalwe nguZukile Majova
Iqembu lowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma, iMK, livale i-ANC imilomo linqoba okhethweni lokuchibiyela olululwelwe kanzima e-Richmond KwaZulu-Natal.
Isigceme sesibili phambilini bekungese-ANC kumasipala lapho iqembu lithandwa khona kakhulu.
Isinqumo seMK sokuvumela umphakathi ukuthi uzikhethe loyo ozongenela amele iqembu okhethweni lokuchibiyela esigcemeni – uMsizi Dlamini esikhundleni sokuwufunza ngomuntu okhethwe yizikhulu zeqembu sibe yimpumelelo.
Kodwa umkhankaso ohlanganyelwe owethulwe yiqembu leMK kanye ne-African Transformation Movement kaVuyo Zungula ubuhamba phambili ngalolu suku.
I-ATM eholwa uSolwazi Ceaser Nongqunga, yahlangana noZuma nethimba leqembu leMK ukuze bakhe umfelandawonye bavumelana ngokuthi bazosebenzisana ezinhlelweni zomphakathi nasephalamende.
Lo mhlangano ujube ukuthi onobhala jikelele bamaqembu bahlangane ukuze kunqunywe ukuthi amaqembu azongenela kanjani ngokubambisana okhethweni lohulumeni basekhaya.
Ukhetho lokuchibiyela esigcemeni sesibili e-Richmond kube yisivivinyo sokuqala sokusebenzisana.
Kuphinde kwaba yisivivinyo sokuqala sobuholi obusha be-ANC obuhlelelwe ukwakha kabusha izinhlaka ze-ANC esifundazweni.
Umakadebona we-ANC uJeff Radebe nguyena ongumgqugquzeli kanti uMnuz Mike Mabuyakhulu ungumdidiyeli wesigungu esisha se-ANC esifundazweni.
Bagxekiwe ngokuthi bayizithenjwa zikaMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa kodwa abanawo amandla emiphakathini yendawo emazingeni aphansi ekuhlaleni.
Ukuthathwa kwesigceme se-ANC yiqembu leMK kukhombisa isiqalo esibi semizamo yokwakha kabusha iqembu ngemuva kokuba ukwesekwa kwalo kwehle kusuka ku-54% ngo-2019 kwaya ku-17% kuphela ngo-2024.
Mhla uhulumeni oholwa yi-ANC ememezela enye intela ye-Value Added Tax, i-ANC vele ibizojeziswa okhethweni.
Ukwesekwa kwe-ANC kulesi sigceme kwehle kusuka ku-84% kwaya ku-39% kwathi iMK yeqa isuka ku-0 yaya ku-54% kwathi i-EFF yehla isuka ku-9% yaya ku-5%.
I-ANC nokho isaphethe umkhandlu kamasipala wase-Richmond onezihlalo ezingu-14 lapho isagcine khona izihlalo eziyisishiyagalombili uma kuqhathaniswa ne-EFF (2), MK (1), Independent (1), DA (1) ne-IFP (1).
Lolu wukhetho lokuchibiyela lwesithathu olunqotshwe yiqembu leMK kusukela lasungulwa ngoZibandlela ka-2023.