Imizamo yokugcina kaHamilton yokuphinda abengumpetha

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Ukuthuthela kukaLewis Hamilton kwiFerrari ngesizini ka-2025 kuyisinqumo esidinga isibindi kodwa kungase kungaphumeleli.

UHamilton waziwa ngokuba umpetha womqhudelwano womhlaba amahlandla ayisikhombisa kanti ukujoyina i-Ferrari komshayeli wase-Britain kubonakala njenge mizamo yokubuyela ekubeni umpetha kanti lokho uzokwenza eqenjini elinempumelelo ehlukile nabashayeli bangaphambili.

Abalandeli be-Ferrari kanye nomlando kwezemidlalo kunikeza ingemuva lohambo lukaHamilton lokuya komunye umqhudelwano womhlaba.

Ukusebenzisana kwakhe nophethe iqembu uFred Vasseur aphumelele ngaphansi kwakhe phambilini kunikeza ugqozu kuloluhambo lwakhe olusha.

Nokho inselelo kaHamilton izoba nzima ngokuhamba kwesikhathi ikakhulukazi ngokuba khona kukazakwabo onekhono eliphezulu uCharles Leclerc okunguyena ohamba phambili ezinhlelweni zeqembu.

Imizamo ye-Ferrari yokuhlala iqhudelana ezingeni eliphezulu eminyakeni yakamuva isho ukuthi uhambo lukaHamilton lokubheka ukuthi angakwazi yini ukusiza ekubuyiseleni iqembu endaweni yalo yakudala luzobhekwe ngabomvu i-motor racing world.

Ukuguquguquka kweqembu, izinqumu, nokuthuthukiswa kwezimoto zabo ngokwempendulo kaHamilton kuzoba yizinto ezibalulekile ekunqumeni ukuthi ngabe lobu budlelwano bungaba nayo yini impumelelo efana nekaJuan Manuel Fangio.

Kodwa uma kungenzeki uzobhekana nokukhungatheka njengo-Alain Prost, uFernando Alonso noSebastian Vettel. UMichael Schumacher wajoyina I-Ferrari ngo-1996 kodwa kwaze kwaba ngu-2000 ngaphambi kokuba anqobe umqhudelwano womhlaba ne-Ferrari.

Abaningi babecabanga ukuthi uHamilton uzothatha umhlalaphansi ngemuva kokulahlekelwa kwakhe kumqhudelwano womhlaba owanqotshwa nguMax Verstappen emzuliswaneni wokugcina we-Abu Dhabi Grand Prix ngo-2021.

Ubudlelwano bukaHamilton noToto Wolff we-Mercedes bekunzima ngezinye izikhathi nakuba bobabili bephikelela ngokuthi ukuhlukana kuyisivumelwano sobungani.

Umshayeli wase-Britain uzimisele ngokuqopha umlando ngokuba ngowokuqala ukunqoba imiqhudelwano yomhlaba eyisishiyagalombili.

Kodwa njengoba kubusa i-Red Bull ne-Mercedes bengabonisi izimpawu zokuphela amandla iphupho likaHamilton lingase lingafezeki.

Isizini ye-Formula 1 ka-2024 izoqala e-Bahrain mhla zimbili kuNdasa.

Isithombe esingenhla: ULewis Hamilton.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva