Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Izingane zesikole samabanga aphansi i-Sekampaneng e-Hammanskraal, enyakatho ye-Tshwane bezijwayele umhlanga namaxoxo ngoba isikole sazo sakhiwe exhaphozini.
Kodwa uquqaba lomiyane lwenze isikole ikhaya lawo. Ngenyanga edlule kube kubi kangangokuthi lezi zilwane ezincane ezimunca igazi zixoshe abafundi esikoleni.
Umzali uThelma Moalusi uthe isigungu esilawula isikole sibize umhlangano wabazali ekupheleni kukaNhlolanja saphakamisa ukuthi bathengele abafundi izibulala-zinambuzane.
“Sibe sesithatha isinqumo sokuthi isikole asiphephile ezinganeni zethu futhi savala isikole unomphela. Akuvamile ukuthi izingane zifafaze izibulala-zinambuzane ngesikhathi sokufunda,” esho.
UMoalusi uthe indodana yakhe ibingeke isinde uma kufuthwa isibulala-zinambuzane ngoba inesifo sofuba.
“Angizisebenzisi izibulala-zinambuzane noma iziqholo ekhaya. Ngikhetha ukuvala amawindi ngaphambi kokushona kwelanga ukuze ngigweme imiyane,” esho.
Omunye umzali uGeorge Chauke uthe isikole ngeke sisasebenza unomphela maduzane.
“Kunemifantu kuzo zonke izindonga; maduze nje izindonga zizodilika. Mhlawumbe yilapho uMnyango wezeMfundo uzophendula khona,” esho.
Uthe isikole besilokhu sibika ngesimo esibi kusukela ngesikhathi uNdunankulu waseGoli uPanyaza Lesufi enguNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni. Kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya.
“Silahlekelwe ithemba. Ngonyaka ozayo abazoba namandla okuthutha izingane zabo baziyise ezikoleni ezikude bazokhipha izingane zabo kulesi sikole. Thina esihluphekayo izingane zethu sezosala dengwane. Uhulumeni akanandaba nathi, izingane zabo zisemakilasini ane-air conditioning ezikoleni ezizimele,” esho.
I-Scrolla.Africa sithinte okhulumela uMnyango wezeMfundo eGoli, uSteve Mabona othe uMnyango uyaphenya futhi uzophendula.
Esithombeni esingenhla: Imiyane exoshe abafundi esikoleni samabanga aphansi i-Sekampaneng
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe