Everson Luhanga
Kuzoba nengcindezi enkulu emitholampilo esifundeni saseGoli ezinsukwini ezimbalwa ezizayo njengoba isibhedlela iCharlotte Maxeke sivaliwe okwesikhashana.
Abahlengikazi bathe umlilo ocekele phansi i-Special Dispensary Stores yesibhedlela ngeke uphazamise kuphela izinsizakalo kwesinye sezibhedlela ezinkulu kuleli, kodwa nemitholampilo esedolobheni nasesifundazweni sonke.
Sekumisiwe izinsuku eziyisikhombisa ukusebenza esibhedlela iCharlotte Maxeke Johannesburg Academic Hospital.
Zingaphezu kwama-400 iziguli ezidluliselwe ezikhungweni zezempilo ezehlukene eziseduze ngenxa yomlilo oqubuke ngoLwesihlanu.
Umhlengikazi komunye umtholampilo waseGoli uthe ukuvalwa kwesikhashana kwesibhedlela esikhulu kufaka ingcindezi emitholampilo yendawo.
Nomnyango wezeMpilo esifundazweni sase-Gauteng uthe iziguli kufanele zifune usizo kwezinye izikhungo zezempilo esifundazweni.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo esifundazweni, uKwara Kekana uthe ukuvalwa kwale ndawo kuzovumela ukuthi kuhlaziywe isimo ngaphambi kokuba kubuyiselwe noma yiziphi izinsiza ezikhona.
“Abezichishamlilo njengamanje basebenzela ukulawula umlilo oqubuke ngoLwesihlanu ekuseni. Sinxusa iziguli eziza esibhedlela ukuthi zifune usizo lwezempilo kwezinye izikhungo eziseduze kwazo.
“Imininingwane ngembangela yomlilo ayikaziwa. Iziphathimandla ezifanele zizoqala ngokushesha ngophenyo uma umlilo usucishiwe,” kusho uKwara.