Imithiswe ngumzala wayo intombazanyana obekusolwa ukuthi ikhuleliswe nguyise

Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi

Intombazanyana eneminyaka eyisishiyagalolunye yase-Tsholotsho e-Zimbabwe ebelethe ingane yentombazane ekuqaleni  kwale nyanga ayizange ikhuleliswe nguyise njengoba bekucatshangwa.

Ngemuva kodaba olushaqisayo obeluxoxwa imiphumela yolibofuzo ibonise ukuthi empeleni ukhuleliswe umzala wayo oneminyaka engu-13 ubudala.

INyuvesi ye-National University of Science and Technology (NUST) kwaBulawayo iqale yahlola uyise wengane nabanye abesilisa abathathu abayizihlobo, kodwa imiphumela yaphika yonke.

Kuphinde kwenziwa olunye ulibofuzo olukhethekile kuhlolwa abantu ababodwa.

Ubaba wengane oneminyaka engu-13 uthathwe ngabe-Victim Friendly Unit yase-Zimbabwe Republic Police (ZRP) ngemuva kokuba imiphumela yakhe ihambelana nolibofuzo.

Amaphoyisa athe nakuba uyise wengane eneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala engeyena ubaba wengane ezelwe, kodwa akakaphunyuki njengoba esolwa ngokuhlukumeza ingane.

Okhulumela amaphoyisa kazwelonke ongimsizi ka-Commissioner Paul Nyathi uthe: “Umntwana akazange akwazi ukuveza ukuthi ngubani uyise womntwana. Yingakho sigcine senza ulibofuzo lwe-DNA. Lokhu bekuyingxenye yophenyo lwethu olusazoqhubeka.”

Usonhlalakahle okhulume ne-Scrolla.Africa uthe mancane amathuba okuthi lo msolwa oneminyaka engu-13 aboshwe njengoba naye ethathwa njengomuntu osemncane.

“Nginxusa ukuthi amaphoyisa asebenzisane nabanye ababambiqhaza ukuze baqinisekise ukuthi laba bobabili bathola usizo lokululekwa ngoba uma kusingathwa lolu daba ngenye indlela uyise wosana angase abekwe icala okungesona isixazululo esifanele.”

Selusunguliwe uhlelo lokunakekela unina kanye nosana, ngokusho kukaSimon Masanga unobhala ngokugcwele eMnyangweni wezabasebenzi bakahulumeni nezenhlalakahle.

“Ukuphothulwa kophenyo lwamaphoyisa kuzoba nomthelela omkhulu ekutholeni izinyathelo ezilandelayo zomntwana osemncane ukuze akwazi ukubuyela esikoleni. Kungenzeka angabuyeli e-Tsholotsho njengoba engase abhekane nokucwaswa kakhulu.”

Esithombeni esingenhla esengane eneminyaka eyisishiyagalolunye yase-Tsholotsho ekhaya eligcina izingane

Umthombo wesithombe:   sithunyelwe 

Scrolla World Cup Quiz