Dylan Bettencourt
Ibhola lakuleli liphuthelwa ukukhokhelwa izigidi zamarandi yi-Fifa ngenxa yemithetho yokudayiswa kwabadlali abasebancane kuleli.
I-South African Football Association (Safa) ikhiphe umbiko wentuthuko ngoLwesihlanu omayelana nezinxephezelo kanye nokukhokhwa kobumbano njengoba kwasungulwa i-Fifa Clearing House (i-FCH) eminyakeni emine edlule.
Inkokhelo ye-Fifa yenzeka uma umdlali osemncane ebhaliswe njengomdlali okhokhelwayo ukuze bamfake kwi-Premier Soccer League (PSL) baphinde bamdayise esemncane.
Inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni i-Fifa ikhokhela amaqembu athuthukayo adayisa abadlali abaneminyaka engaphansi kuka-23.
Isikhulu esiphezulu uJason Anderson wase-Inqaku ohlinzeka i-Safa ngemiphumela yebhola lezimfundamakhwela uchaze izimo ezidingekayo ukuze uthole ukukhokhelwa i-Fifa.
“I-Fifa angeke ikhokhele abadlali ngokuziqeqesha nje kuphela noma ubumbano ngokushintshwa kwabadlali bakuleli kuphela,” kusho u-Anderson, ekhuluma ne-SABC Sport.
“Ngomdlali okhokhelwayo noma odluliselwe kwelinye izwe kungekho khona ingxenye yamazwe ngamazwe iqembu asisitholi isinxephezelo. Kubalwa ngisho nomdlali othuthuke kwelakuleli osayine inkontileka ye-PSL.”
“Njengoba kunjena namuhla kungenxa yemithetho ye-Safa emayelana nesimo nokudayiswa kwabadlali.”
U-Anderson uthe yinto okumele isukunyelwe ebholeni lakuleli ukuze kucace ukuthi ubani okufanele athole imali futhi nini.
I-Fifa kuthiwa izokhipha imali ebalelwa ku-R6.4-billion emaqenjini angu-10 000 ngonyaka ngalolu hlelo.
U-Anderson uchaze ukuthi noma iluphi uhlobo lokukhokha nge-FCH lungazuzisa ibhola lakuleli kanye nokuthuthuka kwalo.
“I-clealling house inamandla okuba iguqule umdlalo wangempela ekuqinisekiseni ukuthi amaqembu ayanxeshezelwa ngendlela i-Fifa ehlele ngayo le mithetho,” kuchaza i-CEO.
“Izinkulungwane ezimbalwa zamadola aseMelika eqenjini lakuleli noma lasemakhaya leyo imali ingashintsha noma ithuthukise iqembu. Bangakwazi ukuthenga ijezi, bakwazi ukuthola imoto ezobahambisa uma beyodlala kanye nemishini abayidingayo ukuze baqhubeke nokusebenza futhi bakhiqize ithalente elisezingeni eliphezulu.”
Umthombo wesithombe: @Goal