
Dylan Bettencourt
Abalandeli bebhola bazobhekana neminyaka eyisikhombisa bebhadla ejele uma bebanjwa bezitika ngocansi nomuntu abangashadile naye eNdebeni yoMhlaba ezoba se-Qatar.
Njengoba ukwenza ucansi ngaphandle komshado kungekho emthethweni e-Qatar abalandeli abazohambela le midlalo kuzofanele bathobele imithetho noma babhekane nokubhadla ejele isikhathi eside.
“Ngeke kube nabadlali abazohamba belala kulo mqhudelwano,” umthombo wamaphoyisa utshele i-Daily Star.
“Ucansi aluvumelekile ngaphandle uma ufike nonkosikazi wakho. Ngeke abadlali bakwazi ukuzikhipha, wonke umuntu kufanele abheke akuzele ngaphandle uma befuna ukuzifaka engozini yokubhadla ejele.”
Yize isigwebo sincishiswa sibe unyaka owodwa, kodwa abalandeli basanxuswa ukuthi baqaphele ngesikhathi besahleli e-Qatar.
“Eqinisweni okokuqala ngqa kuvinjelwa ukuya ocansini ngesikhathi seNdebe yoMhlaba. Abalandeli kumele bazilungiselele,” kwengeza umthombo.
Noma iluphi uhlobo lokusondelana noma ukukhombisa uthando e-Qatar nakho kungaholela ekuboshweni.
Ukuthandana nobulili obubodwa akuvumelekile futhi akukho emthethweni esizweni sama-Arab ngakho uma uzithola ukuleso simo ungabhadla iminyaka eyisikhombisa usejele.
Nokho i-Fifa ithe abadlali bamukelekile ukungena ezweni uma sekuqala imidlalo yeNdebe yoMhlaba ngoLwezi.
Isikhulu esiphezulu seNdebe Yomhlaba yase-Qatar uNasser Al-Khater uyayeseka imithetho ebekwa i-Qatar.
“Ukuphepha nokuvikeleka kwawo wonke umlandeli kubaluleke kakhulu kithina,” kusho uNasser.
“Kodwa ukubonisana uthando esidlangalaleni akuyona ingxenye yesiko lethu futhi lokho kubalwa wonke umuntu.”
Umthetho wase-Qatar uphinde waveza ukuthi noma ibaphi abantu abatholakala benecala lokushushumbisa izidakamizwa ezweni bangabhekana nesigwebo sentambo.
Isijeziso sokuqala seminyaka engu-20 ejele kanye nenhlawulo ka-R1.2 million uma icala uliphindile futhi kuzolandela isigwebo sentambo.
Umthombo wesithombe: @FrontOfficeSports