Imithandazo ngosaziwayo onesifo esimona ubuso

Sizwe Sibiya

Ngemuva kwesimemezelo sikaJustin Bieber sokuthi ukhubazeke ebusweni, abalandeli bakhe eMzansi bathandazela ukuthi alulame ngokushesha – ikakhulukazi labo abanamathikithi ombukiso wakhe ozoba ngasekupheleni kwalo nyaka.

Lo mculi wabelane ngevidiyo ewusizi kubalandeli bakhe ku-Instagram ngesikhathi echaze ukuthi akakwazi ukunyakazisa ingxenye ethile yobuso bakhe ngenxa yesifo esibizwa nge-Ramsay Hunt syndrome. Lesi sifo esingavamile sikhubaza imizwa yobuso baloyo ogulayo, kanti kwenza ukuthi uBieber angakwazi ukucula.

Lo mculi wengoma eshisa izikhotha ethi-“Peaches” usevele wahlehlisa izinhlelo zakhe ezimbili ezinkulu eMelika, ngomhlaka-13 nangomhlaka-14 kuNhlangulana.

“Ngenxa yesimo sikaJustin esiqhubekayo, imibukiso ye-Justice Tour yaleli sonto ebizoba e-Madison Square Garden e-New York City izohlehliswa,” kwenziwe lesi simemezelo ekhasini elisemthethweni le-Instagram ngohambo lwakhe lwesithupha lwe-albhamu ethi-Justice.

Lo mculi (28), owaqala umsebenzi wakhe kwi-RBMG Records ka-Usher Raymond ngo-2008, wabelane ngevidiyo yemizuzu emibili ku-Instagram etshela abalandeli bakhe ngesimo sakhe sempilo esingesihle ngoLwesihlanu mhla ziyishumi kuNhlangulana.

Uhluleka ngisho ukucwayiza noma ukumamatheka ngohlangothi lwesokudla olukhubazekile, kanti uphinde waxolisa ngezinhlelo azophuthelwa yizo ngesikhathi ematasa ebhekene nalesi simo njengoba ethi sekunzima nokudla.

Khonamanjalo, abalandeli bakhe, ababizwa ngamaBeliebers, bayatatazela njengoba iphupho labo lokuhambela i-Justice World Tour lisongelwa yisifo sokukhubazeka esithinta abahlanu kuphela kwabangu-100 000 emhlabeni wonke minyaka yonke.

EMzansi, uBieber ubehlelelwe ukuthi anandise enkundleni yezemidlalo i-DHL eKapa ngomhlaka-28 kuMandulo kanye nasenkundleni yezemidlalo i-FNB eGoli mhla zizinye kuMfumfu kulo nyaka.

“UJustin uthola usizo lwezempilo oluhamba phambili futhi uzimisele ukuqhubeka nalolu hambo ngokushesha nje uma yena nodokotela bekholwa ukuthi usengakwazi ukuqhubeka,” kuqhuba ikhasi le-Instagram le-Justice World Tour, beqinisekisa abalandeli ukuthi uyakuthola ukwelashwa kulesi sifo esinesilinganiso sokululama esingu-75%, ngokusho kwe-CBS.

“Imininingwane ye-MSG (i-Madison Square Garden) ehlelwe kabusha  izodalulwa maduze,” kuphetha isimemezelo ngeSonto, ngomhlaka-12 kuNhlangulana.

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva