Celani Sikhakhane
Iziteshi ezimbili zomsakazo zomphakathi zisebenza ngokubambisana ukwenza lokho osopolitiki abakade bezama ukukwenza eminyakeni engamakhulu edlule.
INongoma FM, isiteshi esisenyakatho yeKwaZulu-Natali kanye neZibonele Community Radio Station ezinze e-Khayelitsha e-Western Cape, sekunesikhathi eside zihlanganise imibono ethile. Kodwa izinhlelo zabo zomcimbi ziphazanyiswe i-Covid.
Le misakazo yomibili ihlele ukusakaza bukhoma ngokuhlanganyela kanti izophinde isingathe ikhonsathi yeNgxekela Maskandi e-Khayelitsha.
Umphathi wesiteshi iNongoma FM uMntwana uSbo Zulu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubudlelwano phakathi kwamaXhosa namaZulu buhambe ibanga elide selokhu kwathiwa bayizitha eminyakeni yama-90s.
“La maqembu amabili esiNguni asebuyisene futhi kungumsebenzi wethu njengeziteshi zomsakazo ukusebenzisa inkundla yethu ukuvuselela ubumbano esilubonayo kusizwe samaXhosa nesamaZulu,” kusho uMntwana uSbo.
“Inhloso yethu ukwenza isiqiniseko sokuthi siwaqonda kahle amasiko ahlukene futhi senze abantu bakholelwe ekutheni, njengoba behlukile, bangahlala ngokuthula”.
UMaskandi ungasetshenziswa njengenkundla yamasiko ukuhlanganisa la maqembu amabili esiNguni.
Uhlelo luzosakazwa ngoMgqibelo kanti umculi kamaskandi odume kakhulu, uKhuzani Mpungose noMthandeni Manqele bazobe benandisa.
Uhlelo luzobe luphethwe nguSiyaxola Sobantu, ongomunye woDJ abadume kakhulu eZibonele, nozakwabo weNongoma FM, uWelcome Ntombela, bukhoma kusukela ngehora lesishiyagalolunye ekuseni kuze kube semini.
UMntwana uSbo uthe ukusebenzisana kwabo minyaka yonke neZibonele FM kwaqalwa eminyakeni emibili edlule.
“Ngenkathi siseMelika sabona ukuthi imisakazo isebenza kanjani ukuhlanganisa amaqembu ahlukene ngenhloso yokuletha ukuthula nokuzwana,” esho.
“Sibuyele eNingizimu Afrika sasebenza ngokubambisana nemisakazo ehlukene efana neZibonele FM, i-Sajonisi FM, i-Rise FM kanye nezinye iziteshi zemisakazo zomphakathi ukugqugquzela ukuthula”.