Imiphakathi yase-Vryheid ibambene ngezihluthu

Celani Sikhakhane

Abambene ngezihluthu amalungu omphakathi anikezwe umhlaba okwakungowomlimi omhlophe e-Vryheid enyakatho yeKZN.

Impi iphakathi kwe-Vumani Community Property Association, ehlanganisa abasebenzi basemapulazini abanikezwe umhlaba walowo owayengumqashi wabo kanye ne-KwaMnyathi Trust, abathi bangabanikazi bangempela bomhlaba.

UMnu Sizwe Mtshali uhola umbhikisho we-Vumani CPA ophikisana noMnyango wezeMihlaba, amalungu awo asola izikhulu ngokuba nesandla odabeni lomhlaba.

UMtshali utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngo-2005, uhulumeni wabathengela indawo kumqashi wabo kodwa abazange banikezwe ipulazi lonke ngoba umnikazi walo wayefuna ukuqedela ukudayisa ihlathi lakhe.

“Umnikazi kwakunguVan Rooyen owasidayisela indawo yakhe ngohulumeni,” esho. “Kodwa kunengxenye anquma ukuyibamba ukuze aqedelele ihlathi lakhe okwakudingeka alidayise.

“Ngo-2009 walishiya leli pulazi kodwa size sathola kamuva ukuthi indawo isinikezwe umphakathi waKwaMnyathi nekhansela lesigceme sangakithi liyathinteka kuleli hlazo.

Ikhansela lesigceme uMdititi Ntombela utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lolu daba selimhkukumeze isikhathi eside.

Uthe amalungu omphakathi aseVumani aseze amvulela amacala okukhwabanisa nenkohlakalo koKlebe.

“Lo mhlaba abakhuluma ngawo abakaze banikwe wona futhi sengikuchaze iminyaka lokhu, umphakathi waseVumani engiyingxenye yawo wanikezwa umhlaba ngaphansi kohlelo lwe-Labour Tenant Programme,” echaza. KwaMnyathi banikezwa ingxenye ethile ngaphansi koMthetho Wokubuyiswa Komhlaba.

“Ngebhadi ngesikhathi abaKwaMnyathi sebeqala ukuthuthukisa indawo yabo ngokubambisana nabakwa-Sappi, yilapho umphakathi wakwaVumani waqala khona le mpi, uthi umhlaba waKwaMnyathi ungowawo.”

Uthe abaKwaMnyathi baze banikela ngengxenye yendawo yabo emphakathini waseVumani ukuze wakhe izindlu zomxhaso.

UMnyango wezoMhlaba uthembise ukuthi uzohlangana nemiphakathi ethintekayo ngesonto elizayo ukuyoyikhombisa itayitela ukuze kuxazululwe le ngxabano.

Izihloko zakamuva